Umsubathi waseNingizimu Afrika uphucwe indodo yegolide

Dylan Bettencourt

Umsubathi waseNingizimu Afrika uThando Dlodlo umisiwe ukudlala imidlalo iminyaka emibili nesigamu ngemuva kokuthi etholakale enesidakamizwa emzimbeni esibizwa nge-testosterone.

UDlodlo ubeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika le-relay eliwine indondo yegolide e-Poland ngoNhlaba odlule emqhudelwaneni womhlaba we-Athletics Relay. Abanye beqembu ngu-Akani Simbine, uGift Leotlela kanye noClarence Munyai.

Iqembu laseNingizimu Afrika linqobe ngemizuzwana engu-0.01 ngaphambi kwethimba lase-Brazil.

Nokho, ngenxa yokumiswa kukaDlodlo, iNingizimu Afrika okokuqala ngqa emlandweni wayo iphucwa indondo yegolide.

Uthole ukumiswa ngemuva kokuthi elinye lamasampula akhe likhombise lokho i-South African Institute for Drug-Free Sport (Saids) ekubiza ngokuthi “ukuba khona kwento engavunyelwe emzimbeni noma kwi-Metabolites nakwisampuli yomsubathi”.

UDlodlo ngabe wathola isigwebo seminyaka emine ukube akalivumanga icala.

Isampula yathathwa kuDlodlo ngoMbasa odlule ngesikhathi se-South African National Championships ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba abe ingxenye yemidlalo yama-olimpiki ase-Tokyo.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ukhishiwe eqenjini laseNingizimu Afrika le-4x100m relay e-Tokyo ngezizathu ezingaziwa. Leli qembu lihlulekile ukudlulela phambili ngesikhathi semidlalo, bahluleka ukudlula amaqembu amabili aphezulu ngesikhathi semizuliswano yokuhlunga.

Imali okwakumele iNingizimu Afrika iyithole ngokuqeda indawo yokuqala ibanjiwe ngenxa yokuthi kusalindwe umphumela wecala elithinta uDlodlo, kubika i-TimesLIVE.

Ukumiswa kukaDlodlo kuzoqala ngomhlaka-29 kuNhlangulana 2021 kuze kube umhlaka-28 kuZibandlela 2023.

Umthombo wesithombe: @AZSportsImages

Scrolla World Cup Quiz