Umsubathi waseNingizimu Afrika ufisa ukwaziwa umhlaba wonke

Dylan Bettencourt

Umsubathi waseNingizimu Afrika uJacky Hunt-Broersma usezofakwa kwi-Guinness Book of World Records ngemuva kokuqeda imijaho engu-104 ezinsukwini ezimbalwa. 

Inselele izoba nzima kunoma imuphi umsubathi osezingeni eliphezulu kodwa kube nzima kakhulu kuHunt-Broersma owalahlekelwa umlenze wakhe owodwa ngenxa yomdlavuza.

Naphezu kokukhubazeka kwakhe waqala ukugijima phakathi noMasingana futhi akakayeki ukubamba umoya egijima amakhilomitha angu-42 njalo ngosuku.

Lo wesifazane oneminyaka engu-46 ubudala okwamanje uhlala eMelika uqede umjaho wakhe ka-104 ngoMgqibelo njengamanje uselindele  ukuthola isitifiketi se-Guinness World Records.

Ukuqinisekiswa kokuhlonishwa kwakhe kuzofika esikhathini esingangezinyanga ezintathu. 

Odokotela ngonyaka ka-2002 bathola owaseNingizimu Afrika ukuthi une-Ewing sarcoma uhlobo lomdlavuza wamathambo olungandile. Ngokusho kwe-BBC umlenze wakhe wanqunywa ngemuva kwamasonto amabili ukuze kusindiswe impilo yakhe eneminyaka engu-26 kuphela ubudala.

Eminyakeni embalwa yokuqala ngemuva kokuxilongwa kwakhe uHunt-Broersma wayenamahloni futhi egqoka ibhulukwe elide ukuze afihle umlenze wakhe wokufakelwa.

Ngo-2016 wamukela inselele futhi waqala ukugijima njengento yokuzilibazisa.

Ekuqaleni kwalo nyaka uHunt-Broersma wazibekela umgomo wokwehlula irekhodi lika-Alyssa Amos Clark lemidlalo engu-95 aseyigijimile.

Futhi wenzaukwenzile lokho kanye esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezine zakamuva.

UHunt-Broersma uthe ukugijima kumenze wamukela lokho ayikho futhi kuyamkhombisa ukuthi kungenzeka noma yini uma ubeka umqondo wakho kulokhuo okwenzayo.

“Ukugijima kwenze umehluko omkhulu esimweni sami somqondo futhi kwangikhombisa ukuthi umzimba wami uqine kangakanani. Kungenze ngamukeleka ngokuphelele ukuthi ngingubani nokuthi ngiyakwazi ukwenza izinto ezinzima,” kusho uHunt.

Kanye nokuphula irekhodi lomhlaba uHunt-Broersma wabhala konke ukusebenza kwakhe ezinkundleni zokuxhumana emzamweni wokuthola imali yezinhlangano ezisiza umphakathi.

Ukwazile ukuhlanganisa u-R1.3 million we-Amputee Blade Runners inhlangano engenzi nzuzo ehlinzeka ngama-blade kwabanqunyiwe. 

Ngemuva kokuqeda i-Boston Marathon kanye ne-Lost Dutchman uHunt-Broersma uzophinde agijime umjaho ohleliwe ngoMfumfu ozobanjelwea e-Utah okuwumjaho ka-386km.

Umthombo wesithombe: @CanadianRunningMagazine

Izihloko zakamuva