Umsubathi waseKenya uKipruto uwine oka10km obuseKapa

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wase-Kenya uVictor Kipruto ushiye izimbangi zakhe othulini ngesikhathi evutha bhe emjahweni waseKapa ka-10km waqeda ngesikhathi esimangalisayo esingu-28:28 ngeSonto.

UPrecious Mashele wakuleli ophethe irekhodi lika-10km uthole indawo yesibili encomekayo walandelwa eduze uThabang Mosiako ophume endaweni emfanele.

Umjaho wabesifazane ubone ukukhonya okumangalisayo kukamsubathi wase-Kenya uVeronica Leloa ogijime isikhathi esihle esingu-31:38 wawina ngendlela emangalisayo.

UDocas Ajok ubonise ikhono lakhe njengomsubathi ophume isibili ngesikhathi uNeheng Khautula ethola indawo yesithathu ayilwele kanzima.

Ecabanga ngokuwina kwakhe, uKipruto uzwakalise ukujabula kwakhe ngokuwina umncintiswano onzima emjahweni.

“Ukuwina kuleli kuzwakala kukuhle. Umncintiswano ubushubile kodwa ngiye ngagxilila, nganqoba izinselelo ngaphinde ngaphuma phambili ,” esho.

UMashele owine emlenzeni wokuqala emjahweni obuse-Gqeberha ngenyanga edlule uvume isimo sezulu esinzima esimvimbe ekutheni afeze iphupho lakhe lokugijima isikhathi esingaphansi kwemizuzu engu-27.

 “Umoya onamandla wenze kwaba nzima kithina njengabasubathi. Nakuba bengihlose ukushesha ngenelisekile ngendlela engigijime ngayo namuhla futhi ngiwubheke ngabomvu umjaho olandelayo,” esho.

Manje lolu chungechunge lwemijaho oluvusa amadlingozi lubheke eThekwini kanti umjaho olandelayo ohlelelwe ukuba mhla ziyishiyagalolunye kuNtulikazi uthembisa omunye umbukwane wejubane nokubekezela.

Esithombeni esingenhla: UPrecious Mashele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva