Lubhalwe nguThathe Msimango
Abasubathi abathathu abahamba phambili e-Afrika ababonakala bengakhathali bazohola inkundla yomjaho webanga elingaphezu kuka-10 km ngenyanga ezayo.
UDaniel Simiu Ebenyo owawina indondo yesiliva kuma-Commonwealth uzolwela ukuhlomula emqhudelwaneni wokuqala we-Run Your City Gqeberha ka-10 km ngoMbasa.
Lo mjaho ungowokuqala kwemihlanu ye-10 km – eminye izobe iseThekwini, eGoli, eKapa nasePitoli.
Lo msubathi wase-Kenya ogijime isikhathi esihle kakhulu semizuzu engu-26 nemizuzwana engu-58 ebangeni lika-10km, uzoqhudelana nesihlabani sase-Uganda uSamuel Kibet kanye nowawina indondo yegolide uMelikhaya Frans.
Kulindeleke ukuthi le mijaho ilethe abasubathi abahamba phambili bamazwe ngamazwe ukuze basize abasubathi bakuleli ukuthi bagijime izikhathi ezingcono.
U-Ebenyo uzobe engaqali ukugijima emigwaqeni yakuleli njengoba awina i-Cape Town Run Your City ngo-2021 nango-2022.
Ekhuluma ngemuva kokumenyezelwa njengomunye wabangenele umqhudelwano, u-Ebenyo uthe ujabule kakhulu ngemiqhudelwano ezayo.
“Ngijabule kakhulu ngokuyogijima eNingizimu Afrika. Kuyizwe elimangalisayo elinabantu abanothando lwezemidlalo,ngakho ukugijima khona kuzophinde kube isikhathi esimnandi emsebenzini wami,” kusho u-Ebenyo ongumpetha wase-Afrika ka-5000m.
“Ngizwile ukuthi le ndawo izongemukela ikakhulukazi njengoba inesimo sezulu esihle futhi umzila uyisicaba. Ukuqeqeshwa kuhambe ngokohlelo, futhi kuyathembisa ukuthi ngizokwenza kahle ngalolo suku.”
Ngesikhathi esishesha kunazo zonke esake sagijinywa kuleli semizuzu engu-27 nemizuzwana engu-16 ebangeni lika-10km, u-Ebenyo unethemba lokuthi angadlula isikhathi esagijinywa uJoshua Cheptegei wase-Uganda eThekwini ngo-2018.
“Ngiyajabula ukuthi balethe umuntu onjengoSamuel Kibet emjahweni. Unamandla, uyazimisela futhi uzongigqugquzela ukuthi ngigijime ngisivinini esikhulu,” esho.
“Ngibheke ukugijima isikhathi esingcono kakhulu esake sagijinywa eNingizimu Afrika. Kungenzeka ngesimo sezulu esihle kanye nabasubathi abahle enkundleni. Futhi ngihlele ukuwuwina lo mjaho. Nginomlando omuhle wokugijima njengoba ngiwine yonke imijaho yami yaseNingizimu Afrika.”
U-Ebenyo uphume endaweni yesithupha emjahweni we-World Athletics Cross Country Championship ka-10 km e-Australia ngoNhlolanja kanti waba ngowesine kowamanqamu we-World Indoor ka-3,000m nyakenye.
Esithombeni esingenhla: UDaniel Ebenyo
Umthombo wesithombe: Pinecrest