Dylan Bettencourt
Umsubathi u-Agnes Tirop, owayemele i-Kenya e-Tokyo ngesikhathi sama-Olimpiki angonyaka wezi-2020, utholakale ebulewe lapho ehlala khona ngoLwesithathu.
Lo msubathi obengumpetha wokugijima ibanga elide, obehlala edolobheni lase-Iten e-Kenya, utholakale enamanxeba okugwazwa esiswini.
Owayeyisoka lakhe ungumsolwa wokuqala ngokusho kwesitatimende esikhishwe i-Athletics Kenya.
Sikhathazeke kakhulu siyi-Athletics Kenya namhlanje ntambama ngokuthola izindaba ezibuhlungu ngokubulawa kwaloyo owathola indondo yethusi edlala i-10,000m u-Agnes Tirop,” kufundeka isitatimende.
Lo msubathi obeneminyaka engama-25 wangena kumdlalo we-5,000m wabesifazane kowamanqamu e-Tokyo lapho wageja khona indondo yethusi ngesikhathi eba ngowesine ukweqa umugqa ngehora le-14:39.62.
Ikusasa lakhe nomsebenzi wakhe ubumfishane, kodwa uhlonishwa kakhulu futhi ukuphumelela kwakhe kaningi nangenkathi ethola indondo yethusi nge-World Athletic Championships yangonyaka wezi-2019, waphinde wawina i-Senior Cross Country Championships. Okokugcina waba ngowesibili wesifazane omncane kunabo bonke ukuthola indondo yegolide kumncintiswano wabesifazane.
Waphinde wawina indondo yethusi ngonyaka wezi-2017 ku-World Athletic Championships egijima u-10,000m.
Kodwa uTirop ushaye into ecokeme emsebenzini wakhe esikhathini esingangenyanga esedlule, lapho aqopha khona irekhodi lomhlaba, ngemizuzu engama-28 kwirikhodi langaphambilini elaliphulwe u-Asmae Leghzaoui kusukela ngonyaka wezi-2002.
Umthombo wesithombe: @TheBridge