Dylan Bettencourt
USprinter Krystsina Tsimanouskaya unqabile ukubuyela ezweni lakubo e-Belarus kulandela ingxabano nethimba lakhe lama-Olimpiki.
Lo msubathi oneminyaka engama-24 uchithe ubusuku bangeSonto ehhotela lezindiza ngemuva kokucela ukuvikelwa emaphoyiseni ase-Japan.
I-International Olympic Committee ithe uTsimanouskaya manje ‘uphephile futhi uvikelekile’ ehhotela e-Tokyo.
Uveze ukuthi uyiswe esikhumulweni sezindiza engafuni.
UTsimanouskaya ubehlelelwe ukuncintisana ku-200m yabesifazane naku-4x400m relay kodwa wagxeka iqembu lakhe ku-Instagram ethi bayamphoqa ukuthi angenele imincintiswano angenalo ulwazi ngayo.
Uqhubeke nokusho ukuthi abanye ozakwabo bebemakwe njengabangafanelekile ukuqhudelana ngoba bengazange benze izivivinyo ezidingekayo zokusebenzisa izidakamizwa. Ngemuva kwalokho okushiwo uTsimanouskaya, iqembu lase-Belarus lama-Olimpiki liye egumbini lakhe lamtshela ukuthi aqoqe izikhwama zakhe ahambe.
Ngenkathi efika esikhumulweni sezindiza, wacela ukwesekwa ngamaphoyisa ase-Japan.
IKomidi lama-Olimpiki lase-Belarus lithe ekhasini labo ku-Facebook uTsimanouskaya ukhishwe kule midlalo ngenxa “yesimo sakhe sozwelo nangesengqondo”.
I-Poland inikeze lo msubathi i-visa yokusiza nePhini likaNgqongqoshe Wezangaphandle uMarcin Przydacz ethi, “ukhululekile ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wezemidlalo e-Poland uma ethanda ukwenza kanjalo.”
UTsimanouskaya ungenele umncintiswano wabesifazane we-100m ngoLwesihlanu ngomhla zingama-30 kuNtulikazi futhi waphuma endaweni yesine emdlalweni wakhe wokuhlunga enesikhathi esingu-11.47 ebesingasheshanga ngokwanele ukumfaka kowandulela owamanqamu wangoMgqibelo, okusobala ukuthi bekuwukuphela kohambo lwakhe lwe-Olympics 2020.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian