Dylan Bettencourt
Owayengumpetha wama-Paralympic uJames Brown ugwetshwe izinyanga eziyishumi nambili ejele ngemuva kokuzinamathisela endizeni ngesikhathi kunombhikisho we-Extinction Rebellion.
UBrown ongaboni kahle wagibela ebhanoyini le-British Airways esikhumulweni sezindiza sase-London City ngowezi-2019. Wanamathelisa isandla sakhe sokudla ebhanoyini elalibheke e-Amsterdam waphinde wafaka nocingo lwakhe emnyango ukuze ungavaleki. UBrown, owazalelwa eNyakatho ye-Ireland, wachitha ihora lonke phezulu ebhanoyini ngaphambi kokuba iziphathimandla zikwazi ukumsusa.
UBrown ulahlwe yicala ngoNtulikazi kulo nyaka, kanti ugwetshwe ngoLwesihlanu. Manje uzodonsa isigamu sonyaka wakhe ejele e-Southwark Crown Court.
I-Extinction Rebellion yasungulwa ngoMfumfu ngowezi-2018 yinhlangano yomhlaba ehlose ukuqwashisa ngokuguquka kwesimo sezulu ngendlela engenalo udlame.
Lesi senzo sikaBrown sibize inkampani yezindiza imali eyizi-R800,000. Amaphoyisa athi waphazamisa abagibeli ababalelwa kwabangama-300.
“Usebenzise ukukhubazeka kwakho ukuze uhlelo lwakho lusebenze,” kusho iJaji uGregory Perrins.
Lo msubathi owake wathola indondo yegolide amahlandla amabili uthe wazinamathisela endizeni ngoba kwakumele enze okuthile okuhlukile ukuletha ulwazi ngokuguquka kwesimo sezulu.
IJaji uPerrins uthe: “Ilungelo lokubhikisha alikunikezi igunya lokuthi udale ukuphazamiseka okukhulu okusabalele esikhumulweni sezindiza esikhulu … ngoba nje ucabanga ukuthi kuyinto efanele ukwenziwa”.
UBrown waqhudelana kuma-Paralympics angowe-1984 lapho athola khona izindondo ezimbili zegolide kwathi eminyakeni eminingi kamuva ngowezi-2012, wathola indondo yethusi emidlalweni yangowezi-2012 eyayise-London.
Umthombo wesithombe: @BBC