Umsubathi wama-Olympics wase-Nigeria ukhala ngokucwaswa

Dylan Bettencourt

Umsubathi wama-Olympics wase-Nigeria uSimdele Adeagbo ufake isikhalazo esisemthethweni mayelana nokucwaswa ngokobulili kuma-Olympics asebusika ase-Beijing.

Abesilisa banikezwa izindawo ezingu-28  emqhudelwaneni wamadoda amane we-bobsleigh kanye nezindawo ezingu-30 emqhudelwaneni wamadoda amabili. Ngakolunye uhlangothi abesifazane babelwa izikhala ezingu-20 kuphela umqhudelwano ngamunye.

Esikhalazweni esifakwe kwi-International Bobsleigh and Skeleton Federation (IBSF), u-Adeagbo uphuthelwe indawo eyodwa kuma-Olympics asebusika ngenxa “yokungafani ngobulili nabanye njengoba izikhala zisuke zenzelwe abesilisa nabesifazane.”

I-IBSF ikuqinisekisile ukuthi basitholile isikhalo futhi ithe ngeke bekwazi ukuphawula ngalesi simo kuze kube kuqalwa izinqubo zomthetho.

Samsung Galaxy 14G

Umqhudelwano we-monobob wengezwe ohlelweni lwama-Olympics ngomzamo wokwandisa isibalo sabesifazane abaqhudelana emqhudelwaneni ye-bobsleigh e-Beijing.

U-Adeagbo utshele i-Reuters ukuthi ukufakwa kwe-monobob kuzwakala kukuhle.

“Kodwa uma ubhekisisa kahle akuyona into eyenzekayo. Akuwakhanga amathuba okungenzeka ukuthi bebewuhlosele wona,” esho.

“Esikhundleni sokuqinisa ukuzibandakanya kwabesifazane emidlalweni yenze okuphambene ngokushiya abesifazane bengakwazi ukubamba iqhaza”.

U-Adeagbo, manje oneminyaka engu-40 ubudala, wangenela umqhudelwano wama-Olympics asebusika ango-2018 lapho aphuma khona ekugcineni kowe-skeleton.

Ngenyanga edlule lo msubathi odabuka e-Nigeria uqophe umlando ngesikhathi ewina umjaho we-European Cup obuse-Germany, waba umsubathi wokuqala wase-Afrika ukuwina i-bobsleigh yamazwe ngamazwe.

Nakuba kugxekwa ukuhlanganyela kwe-Afrika kuma-Olympics asebusika e-Beijing, u-Adeagbo akazange asuswe ukuntula kwabantu base-Afrika kule midlalo kodwa wanezela empini yakhe yokumela abesifazane.

“Ngifuna abantu besifazane abaningi bakwazi ukufeza abakufisayo futhi lemithetho esinayo inciphisa amathuba ethu okuqhudelana,” usho kanje.

Umthombo wesithombe: @ESPN

Scrolla World Cup Quiz