Umsubathi wama-Olimpiki wase-Belarus udayisa ngendondo yakhe ukuxhasa abasubathi

Dylan Bettencourt

UKrystina Tsimanouskaya umemezele ukuthi udayisa indondo yakhe yemidlalo yaseYurophu yangowezi-2019 ku-Belarus ukuxhasa abasubathi abaphathwa ngendlela engafanele yiziphathimandla.

Ngenyanga edlule, uTsimanouskaya uvinjelwe ukungena eqenjini lama-Olimpiki lase-Belarus ngenxa yengxabano abenayo nethimba lakhe labaqeqeshi.

Umsubathi wase-Belarus wayiswa esikhumulweni sezindiza ngaphandle kwemvume yakhe futhi wacela ukwesekwa yiziphathimandla zase-Japan ngemuva kokuthi ithimba lakhe lizame ukumbuyisela ekhaya ngokuba agxeke iqembu lakhe labaqeqeshi.

Lo msubathi oneminyaka engama-24 wayesaba ukujeziswa uma ebuyela ezweni lakhe futhi wathola i-visa yosizo evela e-Poland lapho athole khona indawo yokuphepha.

NgoMsombuluko ekuseni, ukudayiswa kwale ndondo kufinyelele ngaphezu kwemali eyizi-R73,000 ku-eBay. Udayisa indondo yakhe yesiliva, ayithola kuma-II European Games e-Minsk ngowezi-2019.

I-Belarusian Sport Solidarity Foundation, okuyinhlangano esekela abasubathi abajeziselwe imibono yabo yezepolitiki, ithe indondo kaTsimanouskaya ifakwe endalini ukweseka abasubathi ababhekane nenselelo efana neyakhe.

Umbango phakathi kukaTsimanouskaya nabaqeqeshi bakhe ususelwe ekutheni iqembu libhalise lo msubathi oneminyaka engama-24 emdlalweni angenalwazi ngayo. Ngesikhathi ebuza ngesinqumo sabo, bamsusa esigodini sama-Olimpiki futhi basabisa ngokumjezisa.

I-International Olympic Committee (i-IOC) ibuyisele abaqeqeshi ababili ekhaya, u-Yuri Moisevich no-Artur Shumak, futhi baphucwa ukugunyazwa kwabo, okusho ukuthi ngeke bakwazi ukubamba iqhaza kunoma yimiphi imiqhudelwano yama-Olimpiki ngokuzayo.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva