Lubhalwe nguThathe Msimango
UTshepo Tshite oyisihlabani esisafufusa kwezokusubatha kuleli uqinisekise ikhono lakhe ngeSonto ngokuqopha isikhathi sesibili esisheshayo esake saqoshwa umsubathi wakuleli emjahweni ka-1,500m.
UTshite obeqhudelana e-Stanislas, e-France ugijime isikhathi sakhe esincomekayo esingu-3:32:68 wathuthukisa irekhodi lakhe langaphambilini lika-3:33:02.
Lo mjaho uwinwe umpetha womhlaba osemncane uReynold Cheruiyot ngesikhathi u-Isaac Naber ephuma endaweni yesibili.
Isikhathi sikaTshite simbeka ngemuva nje kwerekhodi lakuleli lesikhathi esingu-3:31:93 elaqoshwa uJohan Cronje eminyakeni eyishumi edlule e-Italy. Ecabanga ngendlela agijime ngayo uTshite uthe ugculisekile wadalula nokuthi ukuqeqeshwa kwakhe kuveze ukuthi angakwazi ukwenza okwedlula lokhu.
“Ngiyajabula ukubona umsebenzi wami onzima uthela izithelo futhi ngihlose ukwenza kahle kakhulu isizini yonke,” esho.
Njengompetha abaningi bakuleli abake bagqama ebangeni lika-800m uTshite ucijwa umqeqeshi odumile uSamuel Sepeng owake waqeqesha uCaster Semenya.
UTshite ugcizelele ukubaluleka kokungaguquguquki wadalula iphupho lakhe lokuba umnikazi werekhodi lesizwe. Uyasiqonda isidingo sokubekezela futhi akajahile.
Impumelelo yakhe kule minyaka akuyo emsebenzini wakhe ikhombisa amandla akhe amakhulu futhi imbeka phakathi kwabasubathi abathembisa kakhulu esizukulwaneni sakhe.
Umsubathi wakuleli obebambe iqhaza emqhudelwaneni ofanayo uPrudence Sekgodiso uwine umjaho wabesifazane ka-800m ngesikhathi esingu-1:59:59.
Esithombeni esingenhla: UTshepo Tshite
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe