Umsubathi wakuleli uphule irekhodi leminyaka

Dylan Bettencourt

Ngosuku lokukhumbula irekhodi lika-200m elaqoshwa ngu-Evette de Klerk, uViwe Jingqi (17) uqophe umlando ephula leli rekhodi.

Irekhodi langaphambilini lemizuzwana engu-23.30 laqoshwa mhla zimbili kuMbasa ngo-1982 kanti belibukeka lingenakunyakaziswa kuze kwaba yilapho uJingqi eliphula ngosuku olufanayo eminyakeni engamashumi amane. Lapho egijime khona imizuzu engu-23.03.

Lo mfundi wesikole samabanga aphezulu i-TuksSport njengamanje ungumsubathi wesifazane oneminyaka engaphansi kwengu-18 ohamba phambili emhlabeni ngemuva kokuwina umqhudelwano ka-100m ngemizuzwana engu-11.22 kwi-South African Junior and Youth Athletics Championships.

NgoNhlolanja, uJingqi wephule irekhodi lika-100m elase lithathe iminyaka engu-38 limile njengoba egijime imizuzwana engu-11.47, aseyithuthukise kakhulu   ezinyangeni ezimbili ezedlule.

UJingqi, obhekwa njengomsubathi wama-Olympics wakusasa, uthe kusekuningi asazokwenza.

“Bathi angiyena umuntu kodwa ngiwumshini, futhi ngicabanga ukuthi lokho kuyiqiniso. Ngephule amarekhodi amathathu ngigqoke ama-spikes amasha, futhi bengazi ukuthi ngingagijima izikhathi ezisheshayo,” kusho uJingqi etshela i-Athletics South Africa.

“Ngiyaphikelela futhi ngiyazi ukuthi yini engifuna ukuyenza uma ngigijima. Ngihlale ngigxilile usuku lonke futhi angikaze ngilahlekelwe yilokho engikufunayo kanti ngiklonyeliswe ngesicoco sakuleli emqhudelwaneni ka-100m.”

Isazi sezibalo zezokusubatha saseNingizimu Afrika, uDanie Cornelius, uthe lo msubathi engazibekela isikhathi esingaphansi kwemizuzwana engu-23 kulo nyaka emqhudelwaneni ka-200m.

“Izimo bezingakalungi kahle ngoMgqibelo. Imvula ine isikhathi eside ekuseni. Indawo yokugijima ibinzima futhi bekuhambeka kancane, kodwa ayizange imqede amandla uJingqi. Ubegijima ngendlela enhle,” esho.

“Ubengaphambi kwerekhodi ngesikhathi ephuma ejikeni futhi wabe eseshesha kakhulu. Angingabazi ukuthi ngosuku olufudumele nendawo yokugijima eyomile uzosondela ekutheni agijime imizuzwana engu-22.60.”

UCornelius uthe nakuba uJingqi engase angabonakali kodwa usephenduke umpetha kwizimbangi zakhe uma  besendaweni yokugijima.

“UJingqi akakabi nayo into ebonakalayo emhlukanisa nanoma yimuphi omunye umsubathi. Ubonakala kuphela uma egijima ukuthi uyayazi into ayenzayo,” engeza.

Umthombo wesithombe: @UniversityOfPretoria

Scrolla World Cup Quiz