Umsubathi wakuleli uhlungela ukuqhudelana esigabeni somhlaba

Lubhalwe nguThathe Msimango

Kube ubuhlakani obugcine benze ukuthi  umsubathi wakuleli wamabanga amaphakathi uNwabisa Mjoli agqoke imibala yesizwe.

UMjoli ojabulile uqokwe eqenjini labasubathi abangu-16 abazobamba iqhaza kwi-World Mountain and Trail Running Championships ehlelelwe ukuba e-Innsbruck e-Austria kusukela mhla ziyisithupha kuya kumhla ziyishumi kuNhlangulana.

Lo msubathi (31) we-track and road uthathe isinqumo sokubamba iqhaza kwi-Ultra Trail Drakensberg ngenyanga edlule. Kulo mzamo wokuqala uwine umjaho ka-21km ohlanganiswe nowompetha bakazwelonke ngesikhathi esingu-2:10:38.

Lolu shintsho lutholele uMjoli imibala yakhe yakuleli. “Ngiyajabula ukuthi ekugcineni ngizogqoka imibala yezwe. Kuyiphupho lawo wonke umsubathi ukwenza lokho. Kuseyinto engisazoyifaka kahle engqondweni futhi akukholakali,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Bengilokhu ngingashintshile emgwaqeni njengomsubathi ngakho ukuklonyeliswa ngokuba ingxenye yeqembu lesizwe kuyajabulisa. Angisiye umsubathi wamabanga amade kodwa benginethemba lokuthi ngingakwazi ukungenela umqhudelwano njengoba nginamandla. Ngaphezu kwalokho ngihlezi ngikulambele ukuphumelela noma yinini uma ngenza okuthile.”

Ukushintshela kwi-Trail Running kukhombise ukuzethemba kwesihlabani se-Phantane Athletics Club ebesisefomini enhle kulo nyaka.

Ngo-2023 nje kuphela uthole indondo yethusi emjahweni ka-10 000m ngesikhathi se-SA Track and Field Championship e-Potchefstroom ngoNdasa. Ube esephuma endaweni yesine kwi-Two Oceans Marathon ngoMbasa.

Ngalolu hlobo lwempumelelo uMjoli ukholelwa ekutheni uya kude futhi uhlose ukwenza izwe lakhe liziqhenye ngaye.

“Ngicabanga ukuthi lona kuzoba unyaka omuhle kimina. Ngifuna ukuba nomjaho omuhle e-Austria futhi ngijabulele isipiliyoni,” esho.

“Okubalulekile ukuqhubeka nokusebenza kanzima njengoba ngenzile phambilini. Angikwazi ukuqhubeka nokuzuza izinto ezinhle ngaphandle kokuzisebenzela,” echaza.

KuMdu Khumalo oqeqesha uMjoli ukubona umsubathi wakhe ekhula kukhombisa ukuthi umsebenzi wakhe uyabonakala.

“Ngesikhathi ngiqala ukusebenza naye wayenekhono lokugijima izikhathi ezinhle futhi ukumbona esezomela izwe kuyangijabulisa. Unekusasa eliqhakazile uma engaqhubeka nokusebenza kanzima. Ngimfisela konke okuhle phesheya kwezilwandle,” esho.

Esithombeni esingenhla : UNwabisa Mjoli

Umthombo wesithombe : Phantane Athletics Club Facebook

Izihloko zakamuva