Umsubathi wakuleli udle umhlanganiso koweTwo Oceans Half Marathon

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umpetha wakuleli uMbuleli Mathanga (29) wenze ezibukwayo emjahweni ohlonishwayo we-Two Oceans half marathon eKapa ngesikhathi ehlwitha isicoco ngesikhathi esingu-01:03:58 ngeSonto.

UMathanga ongaphansi kwe-Phantane Athletics Club ugijime kahle kakhulu wahlula izimbangi eziningi wadla umhlanganiso waphinde wahlomula ngomklomelo ka-R25,000.

Kowamanqamu obushubile uMathanga ushaye into ecokeme ngesikhathi umjaho usuzophela washiya u-Elroy Gelant osemnkantshubomvu elandela ngemuva ngesikhathi efika entanjeni.

UMathanga uncome ukuqina kukaThabang Mosiako ophume endaweni yesine ngokumnikeza umqhudelwano onzima kanye nokumgqugquzele ukuthi aphushe kanzima.

“Kuyangijabulisa ukuthi ngikwazile ukuwina umjaho omkhulu ofana ne-Two Oceans Marathon. Inhloso bekuwukukhombisa abasubathi ukuthi ngingakwazi ukugijima umjaho uze uphele,” kusho uMathanga obejabule kakhulu.

Lo msubathi onekhono oqeqeshwa umeluleki wodumo uMdu Khumalo ongumsunguli ophinde abe ngumnikazi we-Phantane, usanda kugijima isikhathi semizuzu engaphansi kwengu-28 emjahweni wakamuva ka-10km e-Gqeberha.

Naye uKhumalo uzwakalise ukuziqhenya ngendlela uMathanga agijime ngayo waphinde wancoma impumelelo yeqembu njengoba omunye umsubathi wakhe uGerda Steyn ewine umjaho wabesifazane ka-56km ngayizolo waphinde wephula amarekhodi.

Njengoba bebengaphezu kuka-29,000 abasubathi abavela emhlabeni wonke abebebambe iqhaza emiqhudelwaneni ye-ultra and half marathon ngempelasonto, i-Two Oceans isaqhubeka nokuhamba phambili kwezokusubatha njengoba iheha ithalente elihamba phambili ezindaweni ezikude.

Ukuwina kukaMathanga kusho ingqopha-mlando emsebenzini wakhe njengoba engumpetha kwezokusubatha futhi eselungele ukubhekana nezinselelo ezintsha nokuwina imiqhudelwano emisha.

Esithombeni esingenhla: UMbuleli Mathanga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva