Umsubathi wakuleli okhubazekile nethemba lokwephula irekhodi lomhlaba 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umqeqeshi odumile we-shoot put and discus u-Eben Vermaas unethemba lokuthi uSimone Kruger unamandla okwephula irekhodi le-World F38 Discus kulo nyaka.

UKruger usanda kwephula irekhodi lase-Afrika nelakuleli ngokuphosa okumangalisayo uka-36.38m emqhudelwaneni we-Athletics Gauteng North League ePitoli ngempelasonto.

Lokhu kungokwesithathu kulo nyaka lapho lo msubathi (18) owahlaselwa isifo sohlangothi ngesikhathi ezalwa ophinde abe nokukhubazeka kobuchopho ephula khona amarekhodi ezwekazini nasezweni lonke.

Amarekhodi kaKruger adlule aqoshwe kwi-SASAPD National Championships ngoNdasa e-Bloemfontein nasemhlanganweni wamazwe obusenkundleni yezemidlalo i-Greenpoint.

UVermaas oqeqesha uKruger ngaphansi kwesikole sakhe i-Smart Throwers ophinde aqeqeshe abasubathi abakhubazekile uthe impumelelo yakhe ibangelwe ukuqina kwengqondo.

“Ngijabule ngendlela uSimone akhule ngayo njengomsubathi ikakhulukazi eminyakeni emibili edlule mayelana namandla engqondo,” kusho uVermaas etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngicabanga ukuthi uthole ulwazi olubalulekile kuma-Paralympics e-Japan ngo-2021 futhi ulusebenzisela ukugcina ifomu yakhe enhle. Manje usekilasini lakhe futhi ungomunye wabasubathi abahamba phambili iqembu lethu elake laba nabo.”

Uthe ulindele lukhulu kuyena kule midlalo encomekayo ngokuzayo njengoba ehlezi enombono omuhle ekuqeqesheni.

“Kwenza umsebenzi wami ube lula,” esho.

Emqhudelwaneni wakulo nyaka ozayo we-World Para Athletics Championship ohlelelwe ukuba e-Paris phakathi komhla ziyisishiyagalombili kuya kumhlaka-17 kuNtulikazi, uVermaas ulondoloza umbono wethemba.

“Ngempelasonto ukwazile ukwephula irekhodi engaphathekile kahle. Ekuqeqesheni uphose u-37.20m okusondelene nerekhodi lomhlaba lika-37.82m. Ngokungenela kwakhe i-World Championships usethubeni elinamandla lokwenza umlando.

“Ngeke ngimangale uma ephula irekhodi lomhlaba. Usefomini enhle yokukufeza lokho,” kusho uVermaas ngokuzethemba.

Esithombeni esingenhla: USimone Kruger

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva