Umsubathi wakuleli nethemba lokwephula irekhodi lomhlaba

Lubhalwe nguThathe Msimango

Nyakenye uMaxi Chaumeton waba ngumsubathi wokuqala wakuleli owaqeda ngaphansi kwesikhathi esingu-28 ekhaya njengoba agijima isikhathi esingcono kakhulu esingu-27:58 emjahweni waseThekwini wamakhilomitha ayishumi.

Nakulo nyaka lo msubathi wakuleli uthi uzimisele ukugijima izikhathi ezingcono kakhulu.

Ukuphumelela kwakhe emjahweni webanga elide kwenza abezokusubatha balishayela ihlombe ikhono lakhe ikakhulukazi njengoba aziwa ngokuba umpetha emjahweni ka-1,500 m.

Lo mfundi (22) othweswe iziqu e-University of Johannesburg uqede unyaka owedlule ehambela phezulu ngemuva kokuphuma endaweni yesithathu emjahweni we-BoClassic wamakhilomitha ayishumi e-Italy ngomhlaka-31 kuZibandlela.

Wahola umjaho cishe amakhilomitha ayisishiyagalolunye kodwa ukuntula kwakhe isipiliyoni sokugijima phesheya kwezilwandle kwamphazamisa.

“Ngicabanga ukuthi abantu basengalindela okuningi okuhle kimina. Intsha iyangeseka, ngakho kumele ngisebenzise wonke amathuba engiwatholayo,” kusho uChaumeton etshela i-Scrolla.Africa.

“Isu kuyo yonke imijaho ukuwina ngayo yonke indlela. Isu lami ukuhlasela ngihole ngokushesha uma kukhala impempe. E-Italy ngangicabanga ukuthi ngizowuwina umjaho kodwa labo basubathi bakhombisa isipiliyoni sabo ekugcineni.

Ngokuhamba kwakhe phambili ngemizuzwana engu-20 emjahweni wamakhilomitha ayishumi edlula irekhodi likaStephen Mokoka elingu-27:38, lo msubathi oqeqeshwa inkakha uHendrick Ramaala unethemba lokuthi angalephula irekhodi.

“Ngicabanga ukuthi amarekhodi ayiphupho lawo wonke umsubathi, nami nginalowo mqondo. Noma ngabe irekhodi lakuleli noma irekhodi lomhlaba akukho okungangijabulisa njengokulephula,” esho.

“Into engigxile kuyo ukugijima ngokushesha futhi ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga ngizogijima isikhathi esingaphansi kwemizuzu engu-27.”

Esithombeni esingenhla: UMaxi Chaumeton

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva