Umsubathi wakuleli nethemba lokwenza kahle emqhudelwaneni ezayo

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wamabanga amade wakuleli uStephen Mokoka ophinde ahambe phambili emiqhudelwaneni eminingi kazwelonke ukholelwa ekutheni imilenze yakhe isengakwazi ukumthwala ukuthi akwazi ukuqhudelana futhi.

Lo msubathi (38) wase-Mahikeng, e-North West wenze into encomekayo ngesikhathi egijima isikhathi esingu-2:06:42 eqeda endaweni yesihlanu kwi-Lake Biwa Marathon ebise-Japan.

Isikhathi sakhe besingemuva ngemizuzwana eyisishiyagalolunye kwerekhodi lesizwe lesikhathi esingu-2:06:33 esagijinywa uGert Thys ngo-1999.

UMokoka osewine i-Shanghai Marathon amahlandla amane uthe indlela yokwenza kahle kwakhe ukugxila ekuziqeqesheni kanzima.

“Into ebalulekile engenza ngigijime isikhathi esihle ukuzinikela kwami ekuziqeqesheni. Ngikholwa ukuthi ukuze uphumelele empilweni kumele uzilolonge ngokuzikhandla ngoba ayikho into eza kalula empilweni,” kugcizelela uMokoka owake wabamba irekhodi lomhlaba ku-50 km.

“Ngicabanga ukuthi abasubathi abasafufusa kumele bazinikele ekuziqeqesheni. Awukwazi ukugijima izikhathi ezinhle ngaphandle kokuzikhandla. Ngiyethemba ukuthi ukuzinikela kwami ​​kuzobakhuthaza ukuthi bakholwe ukuthi akukho okungenzeki empilweni.”

Abaningi baveza ukuthi iminyaka isihambe kakhulu kuMokoka, kodwa unomcabango ohlukile.

“Konke kuhambisana nesipiliyoni. Ngiyazi ukuthi iminyaka ihambile, kodwa ngicabanga ukuthi ngisenakho okudingekayo ukuze ngingenele umqhudelwano osezingeni eliphezulu,” kusho lo msubathi osewine i-Cape Town Marathon amahlandla amathathu.

“Ezemidlalo zimayelana nokuziphatha futhi izinto ezinhle zizofika kuwe. Angikhathazekile ngeminyaka yami futhi ngizimisele ukugijima ngokushesha kunalokhu. Ngiyazi ukuthi ngiyakwazi ukukwenza lokho,” esho.

UMokoka uqeqeshwa umqeqeshi odumile uMichael Seme.

Esithombeni esingenhla: UStephen Mokoka

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva