Lubhalwe nguThathe Msimango
Umsubathi wama-Olympics uZakithi Nene ukholwa ukuthi lona unyaka obalulekile kuyena njengoba esaqhubeka nokulwela ukuthola indondo emidlalweni yamazwe ngamazwe.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNene ephumelele ukuwina yonke imidlalo ka-200m neka-400m emqhudelwaneni yeKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) Senior Track & Field Championship ebiseMgungundlovu ngempelasonto.
Ngokuwina kabili emiqhudelwaneni yesifundazwe uNene uzobheka ukuguqula isimo sakhe esihle emqhudelwaneni kazwelonke ohlelelwe ukuba e-Potchefstroom ngasekupheleni kwale nyanga.
Inhloso yakhe ukuvikela isicoco sakhe sika-400m.
“Inhloso yami ukwenza kahle emqhudelwaneni ozayo ekupheleni kwale nyanga. Inhloso ukuwina kabili ngisho nakwelesizwe futhi ngikholwa ukuthi ngithole okwanele ekuziqeqesheni kwami ukuze ngikwazi ukuwina,” kuchaza uNene obemele izwe kuma-Olympics ango-2020 e-Japan.
“Ibanga lika-400m lisalokhu lihamba phambili kimina. Ngicabanga ukuthi ukuwina lezi zicoco zezifundazwe kuzongenza ngibe nomfutho wokuqhudelana nabanye abasubathi abasezingeni eliphezulu.”
UNene ube nonyaka omuhle nyakenye. Ukwazile ukumela izwe kuma-World Athletics Championship e-Oregon lapho afinyelela khona kowandulela owamanqamu kowe-400m.
Ngaphandle kwalokho wagijima isikhathi sakhe esingcono kakhulu esingu-44.74 ebangeni elifanayo.
“Ngisondele ekutheni ngifinyelele kowamanqamu emidlalweni yamazwe omhlaba nyakenye ngakho kulo nyaka ngizimisele ngokudlulela phambili,” kuchaza uNene ochitha isikhathi esiningi eziqeqesha e-Genova, e-Italy.
“Ngifuna ukuthola indondo emidlalweni yamazwe ngamazwe njengakuma-Olympics noma kuma-World Champs, kanti lokho kungenzeka uma ngingenza kahle kulo nyaka.
“Ngidinga ukuziqeqesha kanzima ukuze ngifeze iphupho lami maduze. Ngingakwazi ukukwenza lokhu njengoba ngihlezi ngiqhudelana nabasubathi abasezingeni lomhlaba, ikakhulukazi emihlanganweni yezokusubatha yase-Europe.”
UNene wathola indondo yesiliva kwi-African Athletics Championship nyakenye e-Mauritius.
Esithombeni esingenhla: UZakithi Nene
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe