Umsubathi wakuleli nethemba lokuqhubeka nokwenza kahle

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wakuleli ogijima amabanga amade uGladwin Mzazi usekhombisile ukuthi ungomunye okumele abhekwe ngemuva kokuqala kahle unyaka omusha.

Kulo nyaka usewine umjaho we-Enock Skhosana 10 km, we-Kudus 15 km kanye nowe-Springs 32 km.

UMzazi uthe sekuyisikhathi eside agcina ukuqala unyaka kahle.

“Ngijabule ngendlela engiqale ngayo. Umuzwa wokuwina nokuba esiteji uyangijabulisa,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngaqala ukuzilolonga ngoZibandlela kusenesikhathi. Angizange ngiphumule njengabanye abasubathi abebeye emaholidini.”

UMzazi (34) ucabanga ukuthi izinto azizange zimhambele kahle phambilini ngoba wayezama ukulinganisa phakathi kokusebenza nokuthola isikhathi sokuziqeqesha.

“Angicabangi ukuthi ukhona umsubathi ongenza kahle ebe esebenza umsebenzi onzima,” esho.

“Ngigcine ngesulile emsebenzini nyakenye ukuze ngigxile kwezokusubatha.

Manje lowo owayengumpetha wakuleli wamamitha angu-5 000 ogijima ngaphansi kwe-Boxer Athletics Club usenesikhathi esihle esiyimizuzu engu-28 nemizuzwana engu-22 ebangeni lika-10 km.

Ubona sengathi sekuyisikhathi sokuthi aqhudelane kwi-marathon.

“Kusanento engingakayiqedi okuwukuqhudelama kwi-marathon. Isikhathi sami esingcono kakhulu samahora amabili nemizuzu engu-16 asisihle. Ngicabanga ukuthi ngehlulekile ngoba ngiye kulo mjaho ngendlela engafanele,” esho.

UMzazi ushade nomsubathi uLebo Phalula owaqopha umlando ngesikhathi eba ngowokuqala wesifazane wakuleli omnyama ukumela izwe kuma-Olympics kwi-Marathon ngo-2016 e-Brazil.

UMzazi uthi okubalulekile ukujabulela lo mdlalo ngaphandle kokuzifaka ngaphansi kwengcindezi engenasidingo.

Esithombeni esingenhla: UGladwin Mzazi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva