Umsubathi wakuleli nephupho lendondo ngonyaka ozayo

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wakuleli uZakithi Nene uhlose ukugqama emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe ngonyaka ozayo.

Onyakeni wokuklomelisa abasubathi uNene ukwazile ukwephula irekhodi ngemizuzwana engu-45 emjahweni ka-400m kabili kulo nyaka.

NgoNhlangulana ugijime isikhathi esingu-44.92 emqhudelwaneni we-Janusz Kusocinski Memorial Meeting e-Poland, wabe esegijima imizuzwana eyishumi ngaphansi kwesikhathi sokuqala ukuze aqophe irekhodi ngesikhathi esingu-44.72 kowamanqamu we-Diamond League ngoMandulo e-Zurich lapho aphuma khona endaweni yesine.

“Unyaka ube muhle kakhulu,” kusho uNene etshela i-Scrolla.Africa.

“Bengizinze kakhulu e-Europe futhi ngiqhudelane nabasubathi abahamba phambili emhlabeni. Bekuyinto enhle kimi njengoba ngifunde lukhulu kwabanye abasubathi.”

UNene obeseqenjini lakuleli ebeliye eMelika kwi-World Athletics Championships ubona sengathi engazuza ezinye izindondo.

“Ngicabanga ukuthi ngiphoxe abantu abaningi ngesikhathi se-World Championship ngokwehluleka ukufinyelela kowamanqamu kodwa bekunzima ngoba besinezinkinga zama-visa nokwenza ukuthi sifike sekusele usuku kuqale umqhudelwano,” esho.

“Angibanga naso isikhathi esiningi sokuphumula noma sokujwayela kodwa ngizame ngakho konke okusemandleni ami futhi ngiyajabula ukuthi ngimele izwe lami.”

UNene uselitholile ithikithi lakhe lokungenela imiqhudelwano yangonyaka ozayo e-Budapest, e-Hungary.

Lo msubathi (24) owazalelwa eMnambithi uthi uhlose ukuthola indondo ukuze aqinise izinga lakhe lokuba ngomunye wabasubathi abahamba phambili emhlabeni.

“Okwamanje sengiqalile ukuzilungiselela unyaka ozayo. Njengoba sengikwazile ukungena emqhudelwaneni wangonyaka ozayo inhloso yami ukufinyelela kowamanqamu,” kugcizelela uNene oqeqeshwa uVictor Vaz kanti ungumsubathi wakuleli ogijima kwibanga lika-400m futhi ungumpetha ohleli endaweni yesishiyagalolunye emhlabeni.

“Uma sengingene kowamanqamu kungenzeka noma yini. Ngisazimisele ngokuthola indondo esigabeni somhlaba futhi uma ngingazimisela ngingawina.”

Esithombeni esingenhla: UZakithi Nene

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva