Umsubathi wakuleli akakakhokhelwa imali yakhe

Linda Ximba

Ngo-2019, umsubathi waseNingizimu Afrika uSanelisiwe Mbanjwa wawina kwi-International Association of Ultrarunners’s (IAU) African Championships eyayise-Nigeria, umjaho onzima wamakhilomitha angu-50.

Kodwa naphezu kokuphuma kuqala, akakayitholi imali yakhe yomklomelo.

UMbanjwa owazalelwa eMgungundlovu wadla umhlanganiso ngokugijima isikhathi esingamahora amathathu nemizuzu engu-34 kanti bekumele akhokhelwe u-R31 920 ngokuwina lo mjaho.

UMbanjwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imenenja yakhe uMnthandeni Nene ubesebenzisana ne-Athletics South Africa ngenhloso yokuthola abadidiyeli bemijaho kanye ne-Confederation of African Athletics (CAA) ukuthi ibakhokhele.

“Nginama-imeyili amaningi athunyelwe kwi-ASA naku-Athletics Federation yase-Nigeria, kodwa ngesikhathi ngibona ukuthi anginakwa ngadlulela kwi-CAA. Kodwa namanje angikakakhokhelwa  kusho uNene.

“Ngikholwa wukuthi i-ASA kumele izibambele mathupha ngoba umsubathi wami waqokwa ukuyomela izwe e-Nigeria. Lento eyenzeka kuSanelisiwe ibuhlungu ngoba wadela okuningi. Uyahlupheka manje.”

Ethintwa ukuba aphawule uHezekiel Sepeng, oyimenenja ye-ASA, ukuqinisekisile ukuthi uyalwazi usizi lukaMbanjwa.

Uthe sebexoxile nozakwabo base-Nigeria kodwa akukho mpendulo enhle okwamanje.

“Ngiyazwelana naye futhi ngiyakuthembisa ukuthi asizisongile izandla njengoba silulandela lolu daba,” kusho uSepeng owahlomulela iNingizimu Afrika indondo yesiliva emjahweni webanga eliphakathi kuma-Olympics e-Atlanta ngo-1996.

UNene uveze ukuthi useke waxhumana nomengameli we-ASA uJames Moloi othembise ukulubheka lolu daba.

Scrolla World Cup Quiz