Umsubathi uzimisele ukuvuka azithintithe

Lubhalwe nguThathe Msimango

Ngo-2015 uWilliam Kaptein wahlula inqwaba yabasubathi abasezingeni eliphezulu ngesikhathi ewina i-Cape Town Marathon 10km Peace Run ngesikhathi esingu-28:34.

Kodwa-ke, ikhono elicacile lombukiso wangalolo suku aligcwalisekanga.

Ingcindezi yokwehluleka ukukhiqiza imiphumela emihle emijahweni, izinkinga zomndeni kanye nokuhlangana nabantu abangalungile kwaba nomthelela emsebenzini kaKaptein.

“Ngasheshe ngakwazi ukuthola impumelelo ekuqaleni komsebenzi wami kodwa bengingenaye umuntu owayengangikhuthaza ukuze ngikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wami omuhle,” kusho uKaptein etshela i-Scrolla.Africa.

“Akukho okwakwenzeka empilweni yami. Nganginezinkinga eziningi engangingakwazi ukuzixazulula kanti lokho kwaba nomthelela ekutheni ngilahlekelwe umqondo. Ngangikulambele ukuhlula abasubathi abasezingeni eliphezulu kuleli kodwa kwakungenzeki.”

Nyakenye eneminyaka engu-30 ubudala uKaptein wathintana nomqeqeshi we-Athletics ozinze e-Western Cape, uChris Bruwer ukuze amsize abuyele esimweni sakhe.

“Bengidinga umqeqeshi ozongifaka endleleni. Bengazi ukuthi uChris unomthetho oqinile futhi uzongisiza,” esho.

“Umjaho wokuqala engaqhudelana kuwo wanginika ithemba lokuthi ngisenakho okufanele kanti izinto ziye zaqala ukusimama,” esho.

Ukubuya kube kuhle. Egijima ngaphansi kwe-Capital Ilanga Athletics Club usewine indondo yebanga lika-10km kanye nelika-21km okubalwa ne-Retail Ilanga Freedom 10 km, nomjaho i-Curro 21km, i-Bellville 10km kanye ne-Winelands 21km.

UKaptein unamaphupho amakhulu okuhlanganisa nama-Olympics ango-2024 e-Paris, e-France.

“Ngenze kahle ku-10km naku-21km futhi ngibona sekuyisikhathi sokuthi ngiphonsele inselelo amabanga amakhudlwana ngonyaka ozayo siqale ngohlelo lwe-marathon,” esho.

“Inhloso enkulu ukumela izwe kuma-Olympics alandelayo futhi uma kungenzeki ngizolimela ngo-2028. Ngilindele ukuthola imiphumela emihle ngonyaka ozayo. Abantu bengalindela okungcono,” kusho uKaptein.

Esithombeni esingenhla: UWilliam Kaptein

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva