Umsubathi uzimisele ngokugijima emjahweni we-Steeplechase

Lubhalwe nguThathe Msimango

U-Ashley Smith ugijime ngendlela emangalisayo kulo nyaka. 

NgoNtulikazi, uSmith wagijima ngendlela enhle kakhulu emjahweni waseThekwini ka-10k walinganisa isikhathi sakhe esingu-28:52.

Ugijime emjahweni onzima ka-21km egijima u-1:04:16 ngesikhathi se-Gun Run Half Marathon kanti wahlomula kakhulu emkhakheni obuhlanganisa abanye abasubathi bama-olimpiki okubalwa kubo uSibusiso Nzima noDesmond Mokgobu.

“Ngibona sengathi lo nyaka bekuwunyaka okumele ngiwukhumbule. Ngizimangazile ngendlela engigijime ngayo emgwaqeni. 

Lo mdlalo wami wokuqala we-half marathon  ufingqa omunye wemidlalo engidlale kahle kakhulu kuwona,” kusho uSmith ofunda eNyuvesi yase-Stellenbosch.

“Ngizinike isikhathi sokulungiselela mdlalo wokuqala. Umzimba wami ubungcono ngazitshela ukuthi ngizozibeka ethubeni lokuthola imiphumela emihle ngalolu suku. Kubalulekile ukuthi uzinike isikhathi ngaphandle kokulujaha lolu hlelo futhi bekumele ngenze kahle ukuze ngibe nomsebenzi oncomeka isikhathi eside.”

Ngaphezu kwale mpumelelo emangalisayo umpetha kazwelonke ka-3,000m oneminyaka engu-26 ubudala unomuzwa wokuthi kusakuningi angakuzuza.

Uhlose ukuba ngumsubathi wokuqala ogijimayo emgwaqeni nongena kuma-olimpiki kusukela ngo-2008. Umsubathi wokugcina kwaba ophethe irekhodi lesizwe uRuben Ramolefi obeseqenjini eliye e-Beijing nase-China.

“Nginamathuba angcono okungena kwi-World Championship ngonyaka ozayo e-Budapest. Ngakho-ke angizimisele ukushintshela ku-10k ne-half marathon maduze. Uma ngingathola eminye imijaho iphupho lami lizofezeka.”

“Uma ngihluleka ukuthola indawo kuma-World Champs kusho ukuthi ama-olimpiki awumgomo omkhulu. Le yinto ebengiyifisa isikhathi eside futhi uma ngingakwazi ukufinyelela kuyo ngingajabula. Lesi isigaba esikhulu kunazo zonke kunoma imuphi umsubathi ofuna ukuvelela.”

Isithombe esingenhla ngesika-Ashley Smith

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva