Umsubathi uxoxa ngobunzima adlula kubo

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi u-Anne Wafula engenwa isifo sovendle eneminyaka emibili idolobha langakubo lamufulathela njengoba abantu babekholelwa ukuthi uloyiwe.

Yize alahlwa umphakathi wakubo esemncane u-Wafula uqhubekile nokuncintisana kuma-Paralympics emjahweni wabahamba ngezihlalo ezinamasondo e-Kenya.

“Izakhamuzi zazingaqondi ukuthi kwenzekani kimina njengoba ngikhubazekile,” etshela i-BBC.

“Abanye babecabanga ukuthi ukuthakatha, abanye babecabanga ukuthi isiqalekiso esivela kuNkulunkulu. Alikho igama eliphathekayo ababengalisho ngokugula kwami.”

Abantu bangakubo baba nomuzwa wokuthi uWafula owaphuka imilenze yomibili kufanele asuke edolobhaneni wabe esethuthela e-Nairobi.

“Bathatha isinqumo sokuthi abafuni lokhu kugula ukuthi kusabalale esigodini’,” kusho lo oneminyaka engu-53 ubudala.

“Ngakho  uWafula kufanele avele anikele ngendodakazi yakhe ukuba ishone, kodwa bebengafuni ukuthi singene kulo muzi.

Bazama ukushisa indlu kababa yodaka.”

Umndeni wakwaWafula uthathe isinqumo sokubaleka uthuthele enkabeni yedolobha.

“Umphakathi awunalo ulwazi olwanele mayelana nesifo sovendle esingenze ngalahlekelwa ukusebenzisa izitho zami. Bengihlezi ngicabanga ukuthi ukube bekukhona lokho kuqwashisa ngabe abakwenzanga lokhu abakwenza,” kusho lo msubathi.

Umndeni wakwaWafula wasala e-Nairobi ngesikhathi u-Anne efunda eNyuvesi ngaphambi kokuba abe uthisha futhi wahlangana nowesilisa wase-United Kingdom ashada naye nalapho ayezothuthela khona.

“Ngangigade ingane yami,  eziteshini zikamabonakude,” kusho yena

“Okwathatha ingqondo yami kwaba ngesikhathi ngibona laba besifazane abamangalisayo begijima ngezihlalo zabo ezinamasondo. Ngesikhathi ngigqolozela kakhulu umabonakude ilapho amehlo ami ayebuka owesifazane futhi ngathatheka ngabe sengithi ilokhu engikufisayo.”

UWafula wabe eseqhubeka nokuncintisana emicimbini eminingana emikhulu okuhlanganisa ne-Paralympics ngo-2004 e-Athens.

“Lokhu kudalwa ukucwaswa kokuthi uma unokukhubazeka e-Afrika akulindelekile ukuthi uthole uthando, ube nengane, ube unkosikazi womuntu, ube nguthisha, ukhulume esidlangalaleni ngezinto ezithinta abantu.” kusho uWafula.

Umthombo wesithombe: @AthleticsWeekly

Izihloko zakamuva