Umsubathi usinde ngokulambisa engozini yebhanoyi 

Lubhalwe nguMashudu Mabila

UDavid Rudisha ongumpetha womhlaba ku-800m akalimalanga ngemuva kokuthi indiza abehamba ngayo iphahlazeke e-Kenya ngoMgqibelo.

URudisha ubesendleleni ebuya kuma-Olympics e-Masaai ngebhanoyi elincane nabanye abantu abahlanu ngesikhathi liphahlazeka e-Imbirikani. Uyedwa kuphela umgibeli oye wadinga ukwelashwa esibhedlela ngemuva kokuthi umshayeli ekwazile ukulimisa ngokushesha.

Ekhuluma nephephandaba i-Daily Nation, lo msubathi uthe konke kwenzeke ngesikhathi esifushane semizuzu eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili ngesikhathi injini yebhanoyi ithula kungazelelwe.

Umshayeli webhanoyi uphoqeleke ukuthi alimise endaweni ephephile.

URudisha uchaze lesi sikhathi “njengokwesaba” ngesikhathi behla futhi elinye lamaphiko ebhanoyi liye lashaya isihlahla, okwenza ukuthi lijikeleze ngaphambi kokuma endaweni enamatshe.

“Umshayeli webhanoyi wenze umsebenzi oncomekayo ukugcina ibhanoyi lizinzile isikhathi eside,” kusho uRudisha.

Ngesikhathi lo msubathi osewathatha umhlalaphansi nabanye abebegibele basinda ngokulambisa, kubikwa ukuthi omunye umgibeli uyelashwa esibhedlela ngenxa yokulimala ngemuva kwengozi.

Lo muntu uhlonzwe njengoStephen Ole Maraj kanti welashelwe ukulimala ezimbanjeni ngaphambi kokuthi akhishwe esibhedlela.

URudisha wasinda engozini yemoto ngo-2019 ngesikhathi i-SUV yakhe ishayisana  nebhasi emgwaqeni omkhulu wase-Nairobi-Kisumu.

Esithombeni esingenhla: ibhanoyi eliphahlazekile

Umthombo wesithombe: @RadullLive

Izihloko zakamuva