Umsubathi untula abaxhasi

Thathe Msimango

UMengameli we-Judo South Africa uThemba Hlasho ubengazi ukuthi isihlabani sakhe se-Judo uMichaela Whitebooi sihoxile kuma-World Championships abese-Uzbekistan ngenxa yokushoda kwemali.

UWhitebooi uthathe isinqumo sokungawungeneli lo mqhudelwano ngoba ubengenalo uxhaso, kubika i-SABC.

“Izindleko zohambo bezibiza kakhulu ngakho bekufanele ngicabange kabusha ukuthi yimiphi imiqhudelwano engizobamba iqhaza kuyona. Esikhundleni sokuya kompetha bomhlaba sengingakwazi ukungenela imiqhudelwano emibili,” kusho uWhitebooi.

Umdlali we-Judo owine indondo yegolide esigabeni sika-48kg kuma-Commonwealth Games ungomunye wabasafufusa bakuleli okulindeleke ukuthi bathole izindondo kule midlalo ezoqala mhla ziyisithupha kuMfumfu.

UHlasho uthe lo msubathi akakaze axoxisane naye mayelana nalesi sinqumo.

“Ngiyaqala ukuzwa ukuthi uMichaela uswele imali, akakaze asitshele lutho,” kusho uHlasho.

I-Judo akuwona umdlalo owaziwayo kuleli kodwa silwela ukuqinisekisa ukuthi bonke abasubathi bayafika kulo mqhudelwano.

UHlasho uthe uWhitebooi unobudlelwano obuhle nomfelandawonye.

“Uyithemba lethu lokuthola indondo ngakho-ke ngeke kuwenze umqondo ukungamhleleli izimali zokumela izwe. Ngiphoxekile ngokuthi uye kwabezindaba ngaphandle kokuxhumana nathi,” esho.

UWhitebooi (26) wase-Gqeberha ungomunye wabasubathi abathole isimemo esikhethekile esivela kwi-International Judo Federation (IJF) ukuthi bahlanganyele ekhempini yokuqeqesha e-Hungary.

UHlasho uthe bazimisele ngokusiza umsubathi ukuthi afeze iphupho lakhe.

“Ngilinde uMichaela angithinte ngoba unenombolo yami. Yebo sizimisele ukumsiza ngemali yokusimela,” kusho uHlasho.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva