Dylan Bettencourt
Ngesikhathi eneminyaka emibili, uyise kaFred Kerley wayesejele kanti umama wakhe wayengakwazi ukumnakekela. Waphoqeleka ukuthi ayohlala endlini kamamncane wakhe nezinye izingane ezingu-12.
Yilolo hlobo lwenhlalo olungafiphalisa amaphupho anoma iyiphi ingane, kodwa umsubathi waseMelika uKerley wayenephupho. Wayefuna ukuba indoda egijima ngesivinini esikhulu emhlabeni futhi ngempelasonto ukwenzile lokho.
Lo mdlali (27) weqe umugqa ngemizuzwana engu-9.86 kowamanqamu we-sprint emjahweni ka-100m kuma-World Athletics Championships ngoMgqibelo ngaphambi kozakwabo baseMelika uMarvin Bracy kanye noTrayvon Bromell.
Ngemuva komjaho uKerley ukhulume ngothando lwakhe lokutshala imifino nokuthi ukudla imifino esengadini yakhe kumqinisa kanjani.
“Empeleni izitshalo zami zenza kahle. Ngaphambi kokuthi ngihambe, ngisika ithanga bese ngilidla nesipinashi engisikhe engadini yami. Kuyamangalisa!” esho eshaya esifuba sakhe kwesokunxele.
UKerley ubonisa i-tattoo kamamncane wakhe futhi ukhuluma ngendlela amsize ngayo ukuze afike lapho akhona namuhla.
“Ngathathwa kanye nezinye izingane ezingu-13 silala endlini eyodwa. Umamncane uzocabanga ukuthi ngifeze izinto ezinkulu namuhla.”
Lo mgijimi wase-Texas uthe, naphezu kokuthi abazali bakhe kwadingeka ukuthi bamlahle esemncane, usakhuluma nabo nsuku zonke.
“Okwenzeka ngaphambilini akwenzeki manje. Ngiyindoda endala. Ngingaba nobudlelwano nabazali bami. Bebengekho namhlanje ebusuku kodwa ngingaqinisekisa ukuthi bebengibukele,” usho kanje.
UKerley akazange abhekane noMarcell Jacobs wase-Italy, umsubathi owamhlula e-Tokyo nyakenye. UJacobs uhoxe ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu ngenxa yokulimala.
Kodwa-ke lo mdlali waseMelika ubezizwa sengathi umphumela uzofana noma ngabe ubani obekwe eduze kwakhe
U-Akani Simbine wakuleli uqede endaweni yesihlanu.
Umthombo wesithombe: @DailySabah