Umsubathi ulaxaze konke okumhlanganisa ne-Russia

Dylan Bettencourt

Umsubathi waseRussia u-Aleksander Lesun ulaxaze konke ukuhlanganisa nezwe lakhe ngoba enengwa isenzo salo sokuhlasela e-Ukraine.

ULesun wakhulela e-Belarus.

Uqhubekile nokuwina ama-World Championships angu-14 e-Russia kwi-pentathlon yesimanje ngaphambi kokuba umphetha wama-olympics e-Rio ngonyaka ka-2016.

“Ngangiziqhenya ngokuqhudelana ngaphansi kwefulegi lase-Russia. Ugogo wami ungowase-Russia futhi nginezihlobo eziningi e-Russia,” kuchaza lo msubathi.

Kodwa ngemuva kokuhlasela kwe-Russia ezweni lase-Ukraine uLesun  oneminyaka engu-33 ubudala usenqamule bonke ubuhlobo anabo ne-Russia.

“Ngaziyeka zonke izikhundla zami zezemidlalo ngomhlaka-22 kuNhlolanja kwathi ngezinsuku ezimbili yaqala yonke imicimbi e-Ukraine,” kusho lo msubathi.

“Yini engingayisho? ngingawasebenzisa amagama ayiziswana kule ngxoxo? ukuthi ngithukile kuzofana nokuthi angisho lutho futhi ngiyazi ukuthi umhlaba ngeke usafana nakuqala.”

“I-Russia ibihlezi isenhlizweni yami ibusa kakhulu. Angikhulumi ngezepolitiki noma amasosha, kodwa ngikhuluma ngabantu kanye nobuhle bemvelo engangihlala ngizizwa ngixhumene nakho.”

ULesun uthe akalindele ukuthi babe baningi abasubathi abazolandela isinqumo sakhe. Noma ubani okhuluma ngokumelene nombuso usengozini yokubhekana nemiphumela emibi e-Russia.

“Ngeminyaka edlule wawuboshwa izinsuku ezingu-15 ngenxa yokubamba iqhaza embhikishweni onqaba udlame.Manje sekungathatha iminyaka emithathu noma iminyaka engu-15 ngenxa yezinye izinhlobo zokubhikisha,” kuchaza lo msubathi.

Isinqumo sikaLesun sichaza ukuthi uphoqelekile ukuba ashiye phansi njengoba engenalo elinye iqhinga lesibili futhi akekho umsubathi ozokweseka umbhikisho wakhe.

“Abezemidlalo e-Russia bafana nethuluzi. Ithuluzi elisetshenziswa uhulumeni,” kusho uLesun.

Umthombo wesithombe: @UPIM

Scrolla World Cup Quiz