Umsubathi ukhumbula izinselelo ahlangabezana nazo

Dylan Bettencourt

Belungelula uhambo lwesihlabani sase-Nigeria uTobi Amusan lokwephula irekhodi lomhlaba emjahweni ka-100m.

Ngokwesibonelo ngesikhathi abazali bakhe beye esontweni, ubenyonyoba eyozilolonga, nokuyinto eyenza ukuthi uyise ashise izicathulo zakhe.

“Ubaba wacasuka kakhulu ngesikhathi ezwa ukuthi ngiyagijima. Washisa zonke izinto zami zokuzilolonga wabe esetshela umama ukuthi bekungokokugcina engibona enkundleni yezemidlalo,” esho.

U-Amusan uqophe umlando ngokwephula irekhodi lomhlaba waphinde watholela i-Nigeria indondo yegolide yokuqala kwi-World Athletics Championships e-Eugene eMelika.

Lo msubathi (25) uqophe irekhodi lomhlaba ngemuva kokugijima isikhathi esingu-12.12 kuma-semi final emjahweni we-100m hurdles.

Kowamanqamu wephule irekhodi elisha, ngesikhathi esingu-12.06 kodwa ngenxa yomoya kuchaze ukuthi ngeke kubhekwe isikhathi sokuqopha amarekhodi.

“Abazali bami bobabili bangothisha, bangabantu abanomthetho oqinile,” kusho u-Amusan etshela i-BBC Sport Africa.

“Uma ukhulela emndenini onjalo, abazali banomuzwa wokuthi kufanele ugxile esikoleni. Futhi uma ungowesifazane, bacabanga ukuthi uzophambuka.”

U-Amusan uthe namanje akakukholwa okwenzekile.

“Mhlawumbe ubukhulu bento esanda kwenzeka ngizobukholwa ngokuhamba kwesikhathi,” esho.

“Ngiyaphuma nginikele ngakho konke enginakho kuyo yonke imiqhudelwano futhi kuhlezi kunganele. Njalo benghlezi ngiphuma endaweni yesine.”

Akuyena kuphela ubaba wakhe owayengabaza amakhono akhe. Umqeqeshi wakhe wangaphambilini wayezizwa ngendlela efanayo ngaphambi kokuthi u-Amusan athuthele eMelika.

“Indlela ejwayelekile yase-Nigeria ukukwenza uzizwe sengathi angeke uphumelele,” kusho u-Amusan.

“Yingakho ngathola umfundaze wokuya eMelika. Ngingasho ukuthi yilapho okwaqala khona umsebenzi wami wezokusubatha. Ngangingakaze ngikuphuphe ukuya eMelika. Ngangifuna nje ukugijima ngesivinini ngibe ngomunye wezihlabani zase-Nigeria.”

Umthombo wesithombe: @OregonLive

Izihloko zakamuva