Umsubathi ukhala ngabaphathi bezemidlalo

Dylan Bettencourt

Umsubathi wakuleli owazuza indondo yegolide kuma-Olympics uCaster Semenya, usebize abaholi bezokusubatha base-Afrika “ngamagwala” ngezimpendulo zabo ezindabeni zokufaneleka kwabasubathi emiqhudelwaneni.

Umpetha womhlaba osewine kathathu akavunyelwe ukuncintisana emqhudelwaneni awuthandayo we-800m ngenxa yemithetho ye-World Athletics differences of sex development (i-DSD) eyasungulwa ngo-2019.

Abasubathi abakhombisa ukuthi bane-testosterone ephezulu kudingeka ukuthi baphuze imithi yokwehlisa amazinga ayo ukuze baqhudelane emiqhudelwaneni we-400m nowe-1,500m.

“Ngicabanga ukuthi kulezi zinsuku, sinabaholi abangamagwala,” kusho uSemenya.

“Kuleli zwekazi abantu bathule. Angazi bathuleleni. Abalweli abasubathi babo.”

Lo msubathi (31) uthe abaholi abenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi abasubathi base-Afrika bayakwazi ukuncintisana ngokukhululeka kunoma yimuphi umqhudelwano.

“Kuzomele nibonakale nisebenza, nilwele abasubathi benu, ngaleyo ndlela kuzoba nabasubathi abaseqophelweni eliphezulu e-Afrika. Njengamanje kuyadumaza,” kusho uSemenya.

Sekuphele iminyaka uSemenya elwa nesinqumo se-DSD.

Wafaka udaba lwakhe eNkantolo yokuLamula ngo-2019, wahluleka. Waphinde wazama futhi wehluleka kanti waphinde wanqatshwa iNkantolo ePhakeme yase-Switzerland.

Lo msubathi wakuleli uqhubekile nokulwa futhi usedlulisele udaba lwakhe eNkantolo yamaLungelo Abantu yaseYurophu, okusamele lulalelwe.

“Ngeke siyeke ukulwa,” kwengeza uSemenya.

“Okwamanje le ndaba ayikho ngami, imayelana nezingane ezisencane ezivelayo ezizobhekana nenkinga efanayo.”

USemenya akuyena yedwa umsubathi wase-Afrika ovinjelwe ekutheni ancintisane ngenxa yemithetho ye-DSD.

Abasubathi ababili base-Namibia – uChristine Mboma kanye noBeatrice Masilingi – baphoqeleka ukuthi baphume emjahweni we-400m wama-Olympics ase-Tokyo ngenxa yokwenyuka kwamazinga e-testosterone.

Umsubathi wase-Burundi uFrancine Niyonsaba noMargaret Wambui wase-Kenya nabo bavinjelwa.

USemenya uzamile ukuqhubeka nokungenela umjaho we-5,000m, kodwa usivinini sakhe bezingakafiki ezingeni lokuthi athole indawo kuma-World Championships alo nyaka.

“Ngiyafunda. Ngisaqala. Ngeke ngiziqhathanise nabantu asebeneminyaka engaphezu kweyishumi bencintisana ku-5 000m. Ngisanda kuqala ngonyaka odlule,” kuchaza uSemenya.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva