Umsubathi uchaza ngendlela ahlukumezeka ngayo ngendaba yobulili bakhe

Dylan Bettencourt

UCaster Semenya obelokhu ehlukumezeka njalo ebuzwa ngobulili bakhe uveze ukuthi wake wathembisa ukukhombisa izikhulu isitho sakhe sangasese somuntu wesifazane eseneminyaka engu-18  ukuze aqinisekise ukuthi ungowesifazane.

USemenya ungene kwezabasubathi  wanqoba isicoco sika-800m kuma-World Championships e-Berlin ngonyaka ka-2009 okwakuwumdlalo wakhe wokuqala omkhulu engumsubathi.

Engxoxweni abe nayo ne-HBO Real Sports, uSemenya uthe izikhulu e-Berlin zazicabanga ukuthi unenduku.

“Ngabatshela ukuthi ngingowesifazane. 

Uma ufuna ukungibona ukuthi ngingowesifazane ngizokukhombisa isitho sami sangasese kulungile lokho?’” kusho uSemenya.

Umpetha waseNingizimu Afrika wama-olymics kukabili ephoqeleka ukuthi aphuze imithi eyalelwa inhlangano yezokusubatha yomhlaba ukuze ehlise izinga lakhe le-testosterone ukuze akwazi ukuqhudelana.

Uthe imithi yayimhlukumeza futhi imenza esabe ukuthi uzomelwa inhliziyo.

Nakuba imithi ethile okufanele ayiphuze ingakaze idalulwe, kodwa kuthiwa udla amaphilisi okulawula inzalo noma okunye okufanayo okwehlisa i-testosterone.

“Kwangigulisa. Kwangenza ngakhuluphala ngaba novalo. Bengingazi noma ngizoba nesifo senhliziyo,” kusho uSemenya.

“Kufana nokuzigwaza ngommese nsuku zonke. Kodwa ngangingenayo enye indlela.”

Ukuphoqa abasubathi ukuthi baphuze imithi yokuguqula izinqubo zomzimba wemvelo kuye kwagxekwa kakhulu ochwepheshe bezokwelapha abaye bakubona kungafaneleki.

Ummeli we-World Athletics uJonathan Taylor uwuvikele umuthi owanikwa uSemenya, wathi ongoti abahamba phambili bazowunikeza abasubathi besifazane abane-testosterone ephezulu ngokusho kwe-Telegraph.

“UJonathan kumele anqume ulimi lwakhe alulahle kude. Uma efuna ukuqonda ukuthi leyo nto ingihlukumeze kanjani kufanele ayithathe yena leyo mithi ukuze azoyiqonda,” kusho uSemenya.

Lo mpetha, oseneminyaka engu-31 ubudala usevinjelwe ukugijima ibanga lika-400m ngaphandle uma ehlisa izinga lakhe le-testosterone. Akakaze agijime umjaho ka-800m kusukela ngo-2019.

Umthombo wesithombe: @WIRED

Scrolla World Cup Quiz