Umsubathi ubhekene nenkinga yezidakamizwa

Dylan Bettencourt

Umsubathi wase-Nigeria uBlessing Okagbare owanikezwa iminyaka eyishumi ngokuphula umthetho usephinde wathola omunye unyaka ngenxa yokwephula umthetho wokudla izidakamizwa.

I-Athletics Integrity Unit (AIU) yamthwesa icala lokuzama ukushintsha imphumela yegazi yokuhlolwa ukuthi azikho yini izidakamizwa egazini.”

Lo msubathi oneminyaka engu-33 ubudala wavinjelwa iminyaka eyishumi kusukela ngoNhlolanja ukuthi abe ingxenye yemidlalo ngenxa yokuphula kaningi kwemithetho emelene nokusetshenziswa kwezidakamizwa”.

U-Okagbare akazange angenele imidlalo yama-olimpiki e-Tokyo ngenxa yokutholakala kwezidakamizwa egazini ngenxa yalokho i-Nigeria yalahlekelwa ithuba layo lokuncintisana ku-4x100m  kuma-World Championship e-Oregon ngoNtulikazi nyakenye.

U-Okagbare waqhudelana ezinsukwini eziyisithupha ngemuva kokubalekela ukuhlolwa kwakhe wasiza i-Nigeria ukuba ihambe phambili emncintiswaneni eMelika, kodwa ngemuva kokubanjwa kwakhe yonke imiphumela yakhe yemijaho  yahoxiswa.

“Eminyakeni edlule sike sahlushwa umuntu oyedwa obekuhlukumeza kakhulu ozakwabo abaziqeqeshe kanzima futhi basebenze ngokwethembeka ukuthola imiphumela yabo,” kusho umphathi we-AIU uBrett Clothier esitatimendeni.

“Kulokhu i-Nigeria ilahlekelwe isikhala esibalulekile. Leyo imithetho futhi engeke ishintshwe.”

U-Okagbare uye kuma-olimpiki e-Tokyo njengompetha owaziwayo owinda izindodo ngemuva kokuwina umdlalo wakhe wokugijima imizuzu engu-11.05, kodwa wakhishwa ngaphambi kowamanqamu.

U-Okagbare owawina indodo yesiliva kwi-long jump kuma-olimpiki ka-2008 ukhishwe ngaphandle kowandulela owamanqamu e-Tokyo ngemuva kokuthi i-AIU iveze ukuthi uhlolwe ukuthi unezidakamizwa egazini lakhe.

Umthombo wesithombe: @VanguardNews

Izihloko zakamuva