Dylan Bettencourt
UMuhammad Ziyad Zolkefli wase-Malaysia uphucwe indondo yakhe yegolide yama-Paralympic ngemuva kokukhishelwa ukufika egumbini lokubizelwa sekudlule imizuzu emithathu.
Lo msubathi oneminyaka engama-31 uphule irekhodi lomhlaba emdlalweni we-F20 shot put ngebanga lika-17.94m, ngaphezu kwesigamu semitha ukudlula irekhodi lakhe langaphambilini lomhlaba.
UZolkefli udlulise isikhalo sakhe ngemuva kokuba anqatshelwe ukuncintisana kwi-World Para Athletics, wanikeza uMaksym Koval wase-Ukraine indondo yegolide.
UNgqongqoshe wezemidlalo wase-Malaysia uKhairy Jamaluddin uchaze lesi sinqumo njengehlazo.
“Ihlazo elibi eliphikisana nomoya wama-Paralympics,” kusho uJamaluddin ku-Twitter.
Uthe ukube bekungukwephula imithetho yegumbi lokubizelwa, bekungafanele avunyelwe ukuncintisana.
“Indondo yegolide yebiwe nerekhodi lomhlaba,” kusho uNgqongqoshe.
Lokhu kuza nesikhukhula semibhikisho esivela kubathandi bezemidlalo abebethukuthele ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela i-International Paralympics Committee (i-IPC), uCraig Spence uthe i-Ukraine iphatheke kabi kakhulu inani lokuhlukumezeka elitholile ku-inthanethi.
“Kube nokuthululwa okukhulu kwemizwa okuphuma kubantu abaningi base-Malaysia,” kusho uSpence.
Ubize le mibhalo njengehlekisayo.
“Yebo, ningangajabula ngesinqumo sethu, kodwa ngibona imibono kuwo wonke ama-akhawunti ethu ezinkundleni zokuxhumana engahlangene nakancane nomdlalo wabesilisa we-F20 shot put,” kusho uSpence.
Ngokwemithetho yenhlangano, noma yimuphi umsubathi ongekho egumbini lokubizelwa ngesikhathi esihleliwe uzonikezwa isimo se-‘Din Not Start ‘(i-DNS). Ngemuva kokucubungula, akubonakali kunesizathu esizwakalayo sokuthi afike sekwedlule isikhathi futhi ngalokho wakhishwa.
Ngenxa yalokho i-Ukraine ithole izindondo ezimbili ngoKoval ophume phambili ngokuqopha umlando ngo-17.34m kwathi u-Oleksandr Yarovyi wathatha isiliva ngo-17.30m.
Umthombo wesithombe: @TheStar