Umsubathi nohlelo lokusiza izingane eziswele 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Ngemuva kokuqeda umjaho we-Ultra Asia Race ngeledlule, umsubathi wakuleli uNontuthuko Mgabhi usazimisele ngokusiza izingane ezintulayo KwaZulu-Natal.

Lo mjaho wakamuva ka-160 km obuse-Vietnam, ubuhlelwe nguMgabhi ngenhlangano yakhe i-Go Beyond a Child Foundation ukuze aqoqe imali yokusiza izingane zesikole ezingu-500 zithole izicathulo.

Kulo mjaho obusekuqaleni kukaNdasa, uMgabhi ukhombise ijubane nokuzimisela njengoba ephume endaweni yesine. Lo mjaho ubuyizinsuku ezine futhi ubuqhubeka ngokwezigaba.

“Umjaho ubusezingeni ebengililindele,” kusho uMgabhi etshela i-Scrolla.Africa.

“Bengingakaze ngicabange ukuthi ngizoqeda ngisezingeni eliphezulu ngale ndlela engenze ngayo, kodwa ngibe nezinsuku ezimnandi zomjaho ikakhulukazi ngosuku lwesithathu nolwesine. Leli bekuyithuba eliyingqayizivele anginawo amagama amaningi okuchaza ukuthi bekunjani.”

Manje njengoba esebuyele ekhaya uqhubeka nomsebenzi wakhe wokusiza labo abadinga usizo, uthe sebeseduze nokufeza inhloso yabo yokuthenga amapheya angu-500 ezicathulo njengoba sezingu-270 esezikhona.

“Uma sikwazile ukufinyelela ku-400 ngizobe sengikhipha amanye angu-100 ephaketheni lami. Nginethemba lokuthi ngizozidlulisela ezinganeni eziswele ekupheleni kukaMbasa,” kusho umsubathi. 

Ngonyaka odlule uMgabhi usize imindeni engu-20 ngegilosa ebiza u-R1 200 umndeni ngamunye ngenhloso yokuletha injabulo emindenini ngoKhisimusi.

Lo msubathi, ongumphathi kwa-Human Resources ngokomsebenzi uyikhokhele ephaketheni lakhe igilosa.

“Ngakho-ke, kulo nyaka nginethemba lokukhetha eminye imindeni engu-20 engizoyisiza. Sonke siyazi ukuthi uKhisimusi yisikhathi okufanele sijabule ngaso futhi nginesiqiniseko sokuthi lokhu kudla kuzobeka ukumamatheka ebusweni babo.”

UMgabhi wagqama ngo-2020 ngesikhathi engenela imijaho eyisikhombisa emazweni ayisikhombisa ezinsukwini eziyisikhombisa zilandelana.

UMgabhi oneminyaka engu-34 ubudala usebheke inselelo elandelayo okuwumjaho we-220 km Ultra Africa ozoba se-Mozambique kusukela ngomhlaka-12 kuya kumhlaka-16 kuLwezi. Inhloso ukuqoqa imali eyanele ukuze abantu bathole amavawusha kaKhisimusi.

Isithombe esingenhla: UNontu Mgabhi

Umthombo wesithombe: Ikhasi le-Facebook le-Canal Adventure

Izihloko zakamuva