Umsubathi  nethemba lokwenza kangcono 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Sekuphele cishe iminyaka emine umsubathi wakuleli odumile uRyan Mphahlele  eshayelwa ihlombe ngokugijima kwakhe.

Ngo-2018 wakwazi ukugijima izikhathi ezinhle kakhulu.

Kodwa-ke umsebenzi wakhe wabhekana nobunzima obukhulu ngesikhathi elimala okwamenza wangakwazi ukuqhudelana cishe iminyaka emithathu.

“Ngaphambi kokulimala ngangisefomini enhle. Ngangijwayele ukuwina imijaho nokugijima izikhathi ezinhle,” kusho lo msubathi (24) owazalelwa eTembisa wafunda e-University of Johannesburg (UJ).

“Bengingenzi lutho iminyaka emithathu.”

Uthe ikhefu elidalwe ubhubhane lwe-Covid-19 kungenzeka lifike ngesikhathi esifanele kuye.

“Imijaho ibingekho futhi lokho kwanginika isikhathi sokuthi ngigxile ekululameni kwami,” esho.

Indlela yokubuyisela ifomu yakhe iyamangalisa. Uhlomule indondo yesiliva emjahweni ka-1 500m kwi-African Athletics Championship ngoNtulikazi kulo nyaka.

Ube esegijima isikhathi esihle kakhulu esingu-3:34:66 ebangeni elifanayo enkundleni yezemidlalo i-Alexandria ngesikhathi sama-Commonwealth Games ngoNcwaba.

“Ngicabanga ukuthi noma yimuphi umsubathi ozoqhudelana emazingeni aphezulu kumele azungezwe uhlelo oluhle lokwesekwa. Ngithola ukwesekwa okungcono kakhulu emndenini wami, kumqeqeshi, kumphathi nakubangani,” kusho uMphahlele osephethe izintambo ebangeni lika-1,500m kuleli.

“Ngisenezikhathi ezinhle engisazozigijima. Ngingumuntu onesineke, ikakhulukazi mayelana nenqubekela phambili. Ngeke ngikujahe futhi ngithatha umjaho owodwa ngesikhathi. Ngibe nonyaka omuhle kakhulu futhi ngiyethemba ukuthi unyaka olandelayo uzoba muhle kakhulu.”

UMphahlele uqeqeshwa u-Elvis Khoza owamela izwe kwi-World Athletics Cross Country Championship ngo-2019 e-Denmark.

Esithombeni esingenhla: URyan Mphahlele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva