Umsubathi nesifiso sokusiza izingane zasemakhaya 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Ngo-2020 umsubathi wakuleli uNontuthuko Mgabhi waqala inhlangano ebizwa nge-Go Beyond ebhekelela izingane. Ukuqala kwakhe wayenesifiso sokusiza izingane zasemakhaya ezintulayo kanti useqoqe imali engango-R3 million ngenxa yenhlangano yakhe.

UNontuthuko ukhulele e-Mseleni, okuyindawo yasemakhaya ngase-Richards Bay futhi ukukhulela khona kwamfundisa okuningi ngempilo.

“Ukukhula endaweni yasemaphandleni bekuyinselela enkulu kodwa kwaba isibusiso futhi,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Mhlawumbe ukube angibhekananga nalezo zingqinamba empilweni ngabe angifinyelelanga lapho engikhona namuhla.”

Umgomo wakhe uwukukhuthaza izingane ezincane ukuthi zilandele amaphupho azo ngaphandle kokukhathazeka ngesimo sazo samanje futhi zibe nethemba lokuthi impilo izoba ngcono.

Ngenhlangano yakhe, ukwazile ukuhlinzeka ngamagumbi amahlanu kanye nendawo yokuhlala othisha esikoleni samabanga aphansi eKhuzimphi eMtubatuba. Izingane zesikole nazo zihlomule ngokuthola izicathulo zesikole, amaphedi nemifaniswano yesikole.

Usebenzise imijaho enzima njenge-Ultra Bolivia futhi wakhuphuka i-Mountain Kilimanjaro ukuze aqoqe imali.

“Okwenza ngisebenzise le mijaho enzima yingoba ngifuna ukukhombisa ukuthi abantu besifazane emhlabeni esiphila kuwo bakhelwe ukunqoba noma yini empilweni,” kusho uMgabhi owangenela i-2021 Marathon des Sables yase-Morocco eyayisogwadule.

“Izicathulo zesikole enganeni yasemakhaya zisuke ziyigugu. Imindeni eminingi kulezo zindawo ayinayo imali yokuthenga izicathulo njengoba kufanele ibeke ukudla etafuleni. Ngihlose ukusebenza ngokuzikhandla ukuze ngisize ezinye izingane.”

UMgabhi uzohamba ngoMgqibelo emjahweni omkhulu oqala mhla ziyisithupha kuya mhla ziyisishiyagalolunye kuNdasa kanti inhloso yakhe ukuthenga amapheya angu-500 ezicathulo.

“Nginethemba lokuthi ngizohlanganisa u-R140 000 engicabanga ukuthi uzokwenela ukusiza izingane zesikole ezingu-500 futhi kungenzeka ngomusa kaNkulunkulu. Asethembe ukuthi abantu bazongeseka ukuze ngizisondeze ngokushintsha izimpilo eziningi zezingane.”

UMgabhi wagqama ngo-2020 ngesikhathi eba ngowokuqala wase-Afrika ukugijima ama-Marathon ayisikhombisa emazweni ayisikhombisa ezinsukwini eziyisikhombisa zilandelana.

Isithombe esingenhla: UNontuthuko Mgabhi emi nezingane ngemuva kokunikela ngezicathulo zesikole.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva