Umsubathi neseluleko sokutshala imali kozakwabo

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wakuleli uLuxolo Adams ukhuthaza abasubathi ukuthi bacabange ngale kwemisebenzi yabo ngokuthi batshale imali ezobasiza ngekusasa labo.

Umsubathi unomsebenzi omfushane, kanti u-Adams wathola imfundo yezezimali kusenesikhathi ukuze akwazi ukuziphilisa uma izinsuku zakhe zokuqhudelana seziphelile.

Lo msubathi (26) osezinze e-Gemona e-Italy, unqume ukuthenga indawo esebenzisa imihlomulo ayithole ngokuqhudelana e-Europe kulo nyaka emqhudelwaneni efana ne-Diamond League.

“Ngicabanga ukuthi njengabasubathi sithanda ukugodla yonke into kithina. Kubalulekile ukuthi sithole usizo nezeluleko ezinhle. Bengifisa ukwazi ukuthi ngingayisebenzisa kanjani imali yami ukuze ngiphile kahle ngemuva kokuphela komsebenzi wami,” kusho u-Adams owaqala ukuheha ukunakwa umphakathi ngesikhathi ewina isicoco sikazwelonke sika-200m ngo-2018.

“Ngo-2018, ngancintisana e-Europe ngakwazi ukuthengela umama wami indlu. Ngakho-ke, kulo nyaka ngithenge izindlu ezimbili njengendlela yokutshala imali. Nginezinye izimali ezitshaliwe eceleni ukuqinisekisa ukuthi ikusasa lami livikelekile. Ngezemidlalo ungaziphilisa uma wenza izinqumo ezifanele futhi uhlezi uthobekile,” esho.

Unyaka owedlule ubumuhle kakhulu ku-Adams; wabelane ngesikhathi sakhe esihle esingu-19:82 emjahweni ka-200m ngesikhathi kunomqhudelwano we-Dayimane, eFrance.

Lo msubathi ubekwe endaweni yesibili kuleli ebangeni elifanayo ngemuva kukaClarence Munyai ophethe irekhodi lesikhathi esingu-19:69.

Ukubonga ukwesekwa akuthola emphakathini wangakubo unyaka wonke unqume ukubuyisela kuwo ngokwenza umqhudelwano obuhlanganisa yonke imidlalo endaweni.

U-Adams, obemele elakuleli kwi-World Athletics Championship e-Eugene eMelika ngoNtulikazi, uzoqala amalungiselelo esizini yase-Europe ngoMasingana nomqeqeshi ozinze e-Gqeberha uGerrie Posthumus.

Ngemuva kwalokho, ngasekupheleni kukaNdasa uzobuyela endaweni yakhe yokuziqeqesha e-Gemona.

Esithombeni ngenhla: ULuxolo Adams

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva