- Umsolwa uBongani Ntanzi uyaphika ukuthi wabulala uSenzo Meyiwa nokuthi wayekhona endaweni yesigameko kodwa amaphoyisa athi ubufakazi buyayiphikisa inkulumo yakhe.
- Umakhelwane wabona amadoda amathathu ephuma endlini ebaleka omunye ephethe isibhamu ngemuva kokudutshulwa kukakaputeni weBafana.
Omunye wabasolwa ngokubulala ukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa uphikile ukuthi wayekhona eduze nendawo yesigameko ngo-2014.
UBongani Sandiso Ntanzi utshele iNkantolo eNkulu yasePitoli ekhulunyelwa ngummeli wakhe ukuthi “uyaphika ukuthi ungomunye wezigebengu ezangena endlini” futhi “uyaphika ukuthi uyazi ukuthi ngubani owayengungqondongqondo ekuhleleni lokhu kubulala.”
Kodwa umphenyi ohola leli cala uBrigadier Bongani Gininda uthi ubufakazi bamaphoyisa buveza ukuthi uNtanzi wayekhona endaweni yesigameko futhi nguye owaba ngungqondongqondo ekuhleleni ukubulala.
Umakhelwane utshele amaphoyisa ukuthi “babona abesilisa abamnyama abathathu bephuma bebalela kwaKhumalo. Uthe oyedwa ehlome ngesibhamu,” kusho uGininda.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kanina wentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus. Kwakukhona abantu abayisikhombisa endlini okubalwa khona uKhumalo kanye nabangani baMeyiwa ababili.
Amadoda amahlanu okungo Muzikawukhulelwa Sibiya, Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Maphisa noSifisokuhle Nkani Ntuli – abhekene namacala okubulala nokubamba inkunzi.
Bonke bathi bamsulwa. Icala liyaqhubeka ngoLwesibili.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Isithombe esingenhla: Umsolwa ecaleni likaSenzo Meyiwa.
Umthombo Wesithombe: Ifayela
