Umsolwa ecaleni likaSindiso Magaqa uzibulele

Lungani Zulu

UMluleki Ndobe, iPhini likaSomlomo oyisiShayamthetho eKwaZulu-Natali futhi obenguMeya kaMasipala wase-Harry Gwala, uzibulele emzini wakhe oseThekwini.

Umfowabo kaMluleki, uMzoli Ndobe, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi ngoLwesihlanu ebusuku, uMluleki ubesekamelweni lokulala wase ecela unkosikasi wakhe, uNobuhle, ukuba amlandele ama-ice-cubes ekhishini.

Wakwenza lokho, kwathi uma ebuyela egumbini lokulala, wezwa kuqhuma isibhamu kakodwa.

“Wagijimela ekamelweni lokulala wafica uMluleki opha kakhulu enenxeba lokudutshulwa esifubeni,” kusho uMzoli.

“Sididekile ukuthi kungani ethathe impilo yakhe. Akazange ashiye nencwadi. Bengingakaze ngicabange ukuthi umfowethu angenza into enjengalena. ”

Ukushona kukaMluleki kuza ngemuva konyaka eboshelwe icala lokubulala owayenguNobhala-Jikelele we-ANC Youth League, uSindiso Magaqa. UMluleki wadedelwa kanti amacala ahoxiswa okwesikhashana.

UMzoli uchaze uMluleki njengomholi ozidelayo.

“Waze wayeka nokuba nguthisha wajoyina i-ANC ukuze abambe iqhaza elibonakalayo emphakathini,” kusho uMzoli.

Uziphikile izinsolo zokuthi umfowabo uzibulele ngoba kutholakale ukuthi unomdlavuza.

“Yebo ubenomdlavuza, kodwa ukuqagela okumsulwa ukuthi uzibulele ngenxa yalokho,” kusho uMzoli.

Uthe umndeni ubungakayiphothuli imininingwane yomngcwabo, kodwa wakuqinisekisa ukuthi uMluleki uzofihlwa eMzimkhulu, eNingizimu yeKwazulu-Natali.

Okhulumela i-ANC eKwaZulu-Natali, uNhlakanipho Ntombela, uchaze uMluleki njengomholi oyisibonelo.

“Silahlekelwe yisidlakela ngoMluleki Ndobe,” kusho uNtombela.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbele usiqinisekisile lesi sigameko.

Izihloko zakamuva