Umsizi womtapo wolwazi waseKapa uthengisa ama-scones ukuze aziphilise

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umama wezingane ezimbili waseKapa oneminyaka engu-40 ubudala ukhokha u-R900 ngenyanga kwezokuthutha futhi ufaka u-R1,500 esitokfeleni njalo ngenyanga.

Udayisa ama-scones ngo-R5 namaswidi ngo-20 cent ngesikhathi sekhefu lasemini nalapho elindile erenki yamatekisi.

Umsizi womtapo wolwazi waseKapa oneminyaka engu-40 ubudala uthengisa ama-scones namaswidi eceleni ukuze akwazi ukubhekana nezindleko zakhe zenyanga.

Usebenzela uhulumeni kodwa uthi umholo wakhe awenele ukuthi aphile. Ukhokha u-R900 ngenyanga ngamatekisi kanjalo nemali yokuqasha nenkulisa kwenye yezingane zakhe ezimbili.

“Ngisebenza njengeLibrary Assistant kodwa imali engiyiholayo ayanele, ngaphandle nje kokuthi ngisebenzisa imali engaka ezintweni zokuhamba kufanele ngikhokhele irenti, ngikhokhele ingane yami enkulisa, ngithengele omunye ukudla kwasemini, ngithengele amalungu omndeni amane igilosa,” kusho yena.

Uphinde afake u-R1 500 ngenyanga esitokofeleni ukuze yena nezingane zakhe babe nemali yokuya e-Eastern Cape ngamaholidi kaZibandlela.

“Umndeni wami use-Eastern Cape futhi yimi ngedwa osebenzayo, konke kuncike kimina. Ngize ngikhokhele amalungu omndeni ayisithupha umshwalense ngoba ngiyazi ukuthi uma kukhona okwenzekayo komunye wabo kuzoba wumthwalo wami,” kusho yena.

Udayisa ama-scones ngo-R5 lilinye kuthi amaswidi ngo-20 cent. Udayisa kuphela ngesikhathi sakhe sekhefu lasemini hhayi ngesikhathi somsebenzi. Ubuye adayise erenki yamatekisi ngesikhathi elinde ukugibela abuyele ekhaya.

Selokhu aqala ukuphithizela, uthi usenengcindezi encane ngokwezimali. Ozakwabo nabagibeli erenki bayameseka.

“Okungenani manje sengingakwazi ukuthenga i-KFC, into ebengingayenzi ngaphambi kokuthi ngiqale ukudayisa,” kusho yena.

Uthi imali ivamise ukuphela ngokushesha ngemuva kosuku lokuhola.

“I-Payday kufanele kube wusuku lwenjabulo kodwa kuphambene, ukuhola ngoLwesihlanu nokungabi nayo imali ngoMsombuluko ngesonto elilandelayo kuyacindezela,” kusho yena.

Esithombeni esingenhla: Umtapo wolwazi waseKapa.

Umthombo wesithombe: Cape Town Central City Improvement District

Izihloko zakamuva