Umsindo ngeyokuvalwa kwamanzi esigodlweni sembube

Celani Sikhakhane

Ushisa phansi umbango wasesigodlweni sakwaKhangela phakathi kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal nemeya yaseZululand.

IMeya yase-Zululand, uThulasizwe Buthelezi, isidalule ukuthi isigodlo sakwaKhangelamankengane esingaphansi kweNdlovukazi engasekho sikweleta uMasipala isizumbulu sika-R1.7 million njengoba bengawakhokheli amanzi. 

UButhelezi utshele i-Scrolla.Africa ngongoLwesine ukuthi umasipala uzoqhubeka nohlelo lwawo lokumisa ukuhlinzekwa kwamanzi njengoba isikweletu samanzi sagcina ukukhokhelwa ngoMasingana ngonyaka ka-2021 lapho kwakhokhwa u-R300,000.

UNdunankulu uSihle Zikalala uthe uButhelezi nabambisene nabo banomlando wokululaza iSilo Samabandla esesakhothama uZwelithini kaBhekuZulu.

INdlovukazi uMantfombi ungumama weSilo SamaBandla uMisuzulu kaZwelithini.

Uthe uhulumeni wakhokha u-R1 million phakathi kwenyanga kaNhlaba noLwezi wonyaka ka-2021 nakuba bekholelwa ukuthi kunenkinga ngohlelo lokukhokhiswa kukaMasipala.

UZikalala uphinde wabuza ukuthi kungani umasipala ukhethe ukubhekisa amabombo esigodlweni seNdlovukazi engasekho uMantfombi ekubeni kukhona osomabhizinisi abaningi kanye namalungu omphakathi abakweleta umasipala.

Lena impi yesibili phakathi kosopolitiki kubangwa iNdlovukazi yeSilo engasekho.

Eyokuqala ibimayelana nemoto ayethengelwe yona kodwa ayizange ifike ngemuva kokudlula kwakhe emhlabeni.

Kuleli sonto induna enguSotswebhu we-DA esiShayamthetho eKZN uMnu Zwakele Mncwango usole uNdunankulu uZikalala ngokuqamba amanga ngenani lemoto yohlobo lwe-Toyota Prado ngemuva kokuvela kokuthi ibize u-R1 million.

UMncwango uthe phambilini uZikalala uthe imoto ibibiza u-R800 000.

UZikalala uthe uMasipala wase-Zululand uyaziwa ngokuhluleka ngendlela eyisimanga ekuhlinzekeni ngamanzi njengoba lokhu kufakazelwa abantu abaningi esifundeni.

Uthe kuyahlekisa ukuthi manje usuzoduma uzenze ngcono ngeNdlunkulu.

Scrolla World Cup Quiz