
Razeen Gutta
Izinhlangano eziyishumi ezilwela amalungelo abantu eziholwa yi-Amnesty International sezinxuse i-Federation Internationale de Football Association (i-Fifa) ukuthi ikhiphe u-$440 million (u-R7.1 billion) oklonyeliswe abawine iNdebe yoMhlaba ukuze kunxeshezelwe abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle ezweni elizosingatha iNdebe yoMhlaba i-Qatar.
Amaqembu ayishumi, okubalwa kuwo i-Migrant Rights and Football Supporters yase-Europe, ibhale ngokuhlanganyela incwadi evulekile eya kuMengameli we-Fifa uGianni Infantino lapho okwenziwa khona isicelo.
Le ncwadi iza ngemuva kwezinsolo zokuthi i-Fifa yehlulekile ukuvikela abasebenzi abaxhashazwayo abakha izinkundla nabathuthukisa ingqalasizinda yase-Qatar yeNdebe yoMhlaba yakulonyaka.
Ngesikhathi isibalo esiqondile sabantu abashonile singaziwa, ngonyaka odlule i-International Labour Organisation yeNhlangano yeZizwe Ezihlangene ibike ukuthi i-Qatar ibingakaphenyi kahle ngokushona kwabasebenzi. Isibonelo, ukuhlolwa kwezidumbu kwakungenziwa njalo.
“I-Qatar, i-Fifa, i-Supreme Committee nezinye izikhungo okuhlanganisa nezinkampani eziqashayo banesibopho, ezizimele, ukufaka isandla ngokwezimali ohlelweni lokulungisa,” kusho incwadi evulekile.
Ukukhokhela imindeni yabasebenzi abashona, kanye nokunxephezela abasebenzi ngamaholo angakhokhelwa kanye nezimali zokuqasha ezingekho emthethweni, kanye nokweseka imizamo yokuvikela amalungelo abasebenzi esikhathini esizayo kuzodinga ukutshalwa kwezimali okukhulu, kuphawula incwadi.
“I-Fifa kufanele igcine imali engekho ngaphansi kwesamba semali engu-$440 million esinikezwa amaqembu abambe iqhaza kwiNdebe yoMhlaba. Lokhu kuzomela ingxenye encane yemali elindelwe yi-Fifa engu-$6 billion emqhudelwaneni.”
Ngesikhathi icelwa ukuba iphawule, i-Fifa ithe “iyazicubungula” iziphakamiso ezenziwe, yathi “baphokophele ukuqaliswa kwezinguquko ezibanzi zezabasebenzi”.
“I-Fifa iyakwamukela ukuthi i-Amnesty International kanye nabanye abasayine lo mbiko bayayibona inqubekelaphambili eseyenziwe mayelana namalungelo abasebenzi e-Qatar mayelana nezinhlelo ze-Fifa World Cup nangale kwayo – impumelelo enkulu i-Fifa eziqhenya ngokuba nesandla kuyo,” kusho i-Fifa itshele i-The Athletic.
I-Fifa isanda kuphakamisa ukuthi inikeze abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle isithunzi yize bekubikwe ukuthi bayagqilazwa kanye nabaphuma emazweni angaphandle abangu-6 500 abashona ngesikhathi kwakhiwa.
INdebe yoMhlaba ye-Fifa yakulonyaka ihlelelwe ukuqala ngomhlaka-21 kuLwezi e-Qatar.
Umthombo wesithombe: @NBCNews