Umsindo ngendlu yangasese ethathe izigidi zemali

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

I-Malawi isisebenzise imali engango-US$17,000 (20 million Kwacha) ukwakha indlu yangasese yomgodi omncane emtholampilo wabantwana abaneminyaka engaphansi kwemihlanu edolobheni lesithathu ngobukhulu eMzuzu.

Indlu yangasese encane ese-Lupaso eMzuzu eyakhiwe kusetshenziswa imali ye-Constituency Development Fund (CDF) inamagumbi amabili abesilisa nabesifazane, kodwa alinawo amafasitela.

Iphephandaba lendawo i-Times libika ukuthi i-bill of quantity (BOQ) yendlu yangasese ikhombisa ukuthi isakhiwo sakhiwe kusetshenziswa imali engaphezu kuka-K20 million.

“I-BOQ yendlu yangasese ibhalwe ukuthi VIP yakhiwe kusetshenziswa izikhwama zikasimende ezingu-226, ama-frame eminyango ayinsimbi angu-11, amashidi kathayela angu-35 (18 ft) kanye nezinye izinto,” kubika i-Times.

Nokho, indlu yangasese njengoba yakhiwe inezinsimbi ezinhlanu ezisekelwe ngamapulangwe ayisikhombisa.

UNewton Chione unobhala weKomidi lezokuThuthukiswa kweWadi lase-Lupaso, uthe isabelomali sabo sonke silinganiselwa ku-K2.4 million. Uqhube wathi abakaze banikezwe uhlelo lwendlu yangasese.

Ephawula ngalolu daba okhulumela uMkhandlu waseMzuzu, uMnu McDonald Gondwe uvumile ukuthi i-BOQ ayinalo iqiniso kodwa wagxeka imiphakathi wathi yiyona enecala ngoba i-CDF ibanika amandla okuthola ama-quotation ezimpahla nomsebenzi.

Izihloko zakamuva