Umsindo ngefulegi likaR22 million

Celani Sikhakhane

Ifulegi elingamamitha angu-100 eliyisikhumbuzo seNingizimu Afrika  elizobiza u-R22 million, selisuse umsindo ladala nokuthi abantu bangabaze ubuholi kuNgqongqoshe wamaCiko namaSiko uNathi Mthethwa.

UMnyango wezobuCiko, amaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka umemezele ukuthi uzokwakha ifulegi lesikhumbuzo laseNingizimu Afrika elingamamitha angu-100 okumele lihehe izivakashi.

Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bacasukile, bathi uMnyango wehlulekile ukusiza amaciko aseNingizimu Afrika ngesikhathi somvalelo.

Le mali ibingasetshenziselwa ukuthuthukisa iqembu labesifazane lebhola lezinyawo iBanyana Banyana okuvela ukuthi lihoma amakinati.

UNobhala-Jikelele we-National Freedom Party, uMnu Canaan Mdletshe, uthe kuyichilo ukuxhashaxwa kwemali ngale ndlela ezweni elikhungethwe ububha.

“Ngisho lelo fulegi lingenziwa ngegolide noma ngedayimane, kuyichilo ukusebenzisa imali engaka kodwa abaculi besahlupheka. Kungani bengasebenzisi le mali ukuthuthukisa iBanyana Banyana?” Kusho uMdletshe.

I-EFF ichaze lesi senzo njenge siyihlazo.

“Embukisweni ocacile womnyango ongazi ukuthi kumele wenzeni ngesabelomali sawo, uNathi Mthethwa nozakwabo banqume ukwenza umsebenzi ongathi shu wokuhloma induku emhlabathini nokufaka ifulegi kuyo.”

I-EFF ithe le mali ibingasetshenziswa kangcono ukuthuthukisa ingqalasizinda yamaciko nokuthuthukisa imidlalo yakuleli yabesifazane nabesilisa.”

Lo mnyango aqaqali ukuba sezindabeni kabi njengoba naphambilini wake wathinteka ehlazweni lika-R300 million okwakuhlelwe ukuthi kwakhiwe ngayo indlu yomkhosi womhlanga esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma kodwa leyo ndlu yagcina ingakhiwanga.

Izihloko zakamuva