Lubhalwe nguLinda Ximba
Kusamile ukudedelwa kochungechunge lomdlalo olubhekwe ngabomvu uShaka Ilembe, ngemuva kokuthi imindeni eyakhulisa iSilo saMaZulu ifunge yagomela ukuthi izobafaka eNkantolo abadidiyeli.
Umndeni wakwaMhlongo nowakwaMthethwa uthi ukhohliswe ngokucabanga ukuthi uzohlomula ngefilimu ebizodlala kuMzansi Magic.
Lolu chungechunge oludidiyelwe nguNomzamo Mbatha, lukhuluma ngeSilo uShaka owanqoba izizwe eziningi futhi kamuva wasungula umbuso onamandla waMaZulu.
UMhlathuze Mhlongo ophuma ohlangothini lukanina weSilo uShaka, uNdlunkulu uNanda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebexoxisane nabeluleki babo bezomthetho mayelana nendlela eya phambili.
“Laba bantu bafike eMpangeni sabanikeza imvume yokuqopha ithuna likaNdlunkulu uNanda benza zonke izinhlobo zezinto khona. Kuvele ukuthi basenze izilima njengoba sesifundile ukuthi bazokwenza umsebenzi wokugcina wokukhiqiza eGoli.
“Bebefuna sikholelwe ukuthi abakwaMhlongo ababa nesandla ekuzalweni kwamaKhosi anamandla emhlabeni, bazohlomula kulo msebenzi omkhulu,” kusho uMhlongo.
UPhila Mthethwa ongowasesigodini sakwaMthethwa eMpangeni enyakatho neKwaZulu-Natal lapho okwakhulela khona iSilo uShaka, wengeze ngokuthi baphatheke kabi ngabadidiyeli bamafilimu ababashiya obishini.
“Basithembisa ukusiyisa endaweni kanokusho yase-Ballito lapho esasizofike silande khona umlando weSilo samaZulu nonina uNdlunkulu. Manje sebesifulathele bathi alikho isenti esizolithola.
“Besinethemba lokuthi sizothola okuthile ukuze sigcine ifa leSilo nelikaNdlunkulu futhi sifukule isigodi sakithi esikhungethwe ububha. Sizohlangana nabo eNkantolo,” kusho uMthethwa.
Uchungechunge lomdlalo uShaka Ilembe kulindeleke ukuthi uphume ngo-2023 kanti unabalingisi abayinqwaba baseMzansi okubalwa uWiseman Mncube, uLemogang Tsipa, uThembinkosi Mthembu noDuma Ntando abavela njalo kumabonakude.
Imizamo yokuthola ukuphawula komqondisi we-The Bomb Shelter, u-Angus Gibson ayiphumelelanga njengoba engayiphendulanga imiyalezo ayithunyelwe.
Osesithombeni esingenhla: UNomzamo Mbatha
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe