Dalphine Tagwireyi
Umndeni wasebukhosini bakaNkuna usole uLuka Nkuna, onguSihlalo we-Hoxani Traditional Council, ngokufaka umndeni obishini ngokudayisa izindawo.
UNkuna, isikhathi sakhe sokubusa emkhandlwini wendabuko esiphele ngomhlaka-31 kuNdasa ngo-2022, usolwa ngokudayisa izindawo eMkhuhlu, ngase-Hazyview, eMpumalanga, ngemali engu-R17 000 ngaphandle kokwazisa umndeni.
Ilungu lomndeni wasebukhosini uMthokozisi Mabuza uthe lokho lokhu okwenziwa uNkuna akukho emthethweni.
UMabuza usola ukuthi uNkuna uyakujabulela ukwesekwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eMpumalanga (Cogta).
Uthe ukuzithela ngabandayo kwa-Cogta mayelana nokuxazulula umbango wasebukhosini kube nomthelela ezenzweni ezikhonjiswe uNkuna oqokwe njengofake isicelo esiphezulu sokuhola iNdlunkulu.
“Intando yethu njengomndeni wasebukhosini ishaywe indiva. Sesike saba nezingxoxo ezahlukene nabakwa-Cogta ezingakabinawo umphumela njengoba manje sekunokwephulwa komthetho phambi kwamehlo ethu futhi akukho zinyathelo ezithathwayo,” usho kanje.
Okhulumela umndeni wakwaNkuna uNyiko Rooi Nkuna, uthe uNkuna uyazi ukuthi kumele adlulisele ubukhosi emndenini owadela isikhundla sobuholi ngoba umholi olandelayo wayesasemncane.
“Uvumile ukuthi uyibamba futhi akayena umholi osemthethweni kodwa uqhubekile ngokuphatha nokwenza izinto eziningi ezingekho emthethweni ezihlanganisa ukudayiswa komhlaba wasebukhosini okungewona owakhe yedwa,” usho kanje.
“Sesizame kaningi ukuthi sibe nezingxoxo nabakwa-Cogta mayelana nodaba lokubuyiselwa kobukhosi emndenini wakwaNkuna ofanele futhi sisalinde impendulo kubo kodwa bayawaziba ama-email esibathumelele wona.”
ULuka Nkuna uzichithile lezi zinsolo, waphonsela abaphikisana naye inselelo yokuthi balethe ubufakazi bamacala akhe.
“Angikaze ngithole mali ephuma kunoma ngubani futhi othi ngidamyisele isitendi kufanele aphumele obala ngakho,” usho kanje.
UMphathi woMnyango wakwa-Cogta, uMnu Samkelo Ngubane, uthe lolu daba lulethwe kuNgqongqoshe kanti uma sekuthathwe izinqumo, luzodluliselwa ebukhosini bakaNkuna.