Umsindo abomndeni weso leSilo begoloza ukushisa isidumbu salo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusuke esinamathambo emngcwabeni  wesiqumama saseNquthu  nebesiyiSo leSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngemuva kokuthi abomndeni benqabe ukuba isidumbu saso sishiswe. 

Lokhu kuphoqe ukuthi umngcwabo kaMnuz Tony Dube obungoLwesihlanu ebandleni laseSheshi eMafihleng eNquthu  kuthi uma uqedwa  isidumbu sakhe sibuyiselwe emakhazeni.

Kulo mngcwabo obuseSt Margaret kuthiwa abomndeni bakhuze bababaza ngesikhathi undodakazi kaDube, uNksz  Makutu Dube efunda incwadi yommeli enkonzweni ebithi ucela uma sekuphothulwe konke umzimba wakhe uyoshiswa.

Kuthiwa uhlelo bekungukuthi ayoshiswa eMnambithi .

“Akekho ongababazanga ngalesi siga somyalelo kamkhulu uTony wokuthi ucela ukushiswa. Asiyazi thina lento ngoba uyoba idlozi elinjani elivutha amalangabi. Sonke sikhuze sababaza ngoba asiyazi lento umkhulu abefuna yenziwe kuye,” kusho umthombo.

Udalule ukuthi kubuye kwavumbuka unkosikazi kaDube omdala abanezingane naye eziyisikhombisa wafika wazothatha isidumbu wayokwenza kabusha inkonzo yomngcwabo eBergville.

Kuthiwa inkonzo ibiyizolo ngasezintabeni zoKhahlamba nokuyilapho umkaDube omdala ebenenomuzi khona nokuthe emumva kwayo uDube wangcwatshwa ngesizotha emathuneni engazange ashiswe njengoba ayebhalile kuMmeli wakhe.

Omunye umthombo osemndenini uveze ukuthi abefundisi bebandla laseSheshi besebevumile ukuthi umlotha kaDube uzobekwa endlini yesonto yaseMafihleng njengoba kwenziwa naku Achbishop Desmond Tutu okuthiwa umlotha wakhe wabekwa ebandleni lakhe laseKapa.

UDube kuthiwa ubengusomabhizinisi ohlonishwayo eNquthu enepulazi lezinkomo, igaraji likapethroli neTendeni BnB namanye amabhizinisi.

Kuthiwa amabhizinisi akhe uwaqale ngeminyaka yo-1970 ngesikhathi lapho osomabhizinisi abamnyama babesacindezelwe kodwa waphulukindlela waphumelela.

Kuthiwa ubebalwa nezigwili ezihlonishwayo eNquthu okubalwa kuzo oKhuzwayo, Sosobala Mbatha nabanye.

Indodana kaDube, uMnuz Nyamazane Dube uthe akakwazi ukukhuluma ucela ubuye athinywe. 

Izihloko zakamuva