Umsiki wengqephu osemncane wabelana ngemfihlo yempumelelo yakhe

Lwazi Nongauza

Umsiki wengqephu wakuleli, uSicelo Mabuza udalule imfihlo ngokusungula kwakhe imikhiqizo yengqephu yomdabu.

Engxoxweni abenayo nabakwa-Scrolla.Africa, uMabuza uveze ukuthi uyihlanganise kanjani intshisekelo yakhe yemfashini nezamabhizinisi nokuzichaza ngobuhlanga base-Afrika.

“Ngiwumkhiqizi oziqhenyayo ngamasiko amaningi ase-Afrika,” echaza.

“Kusukela ebuntwaneni, bengihlala ngazi ukuthi ngizokhetha umsebenzi ozokhombisa imvelaphi yami nezinto engizithandayo. Ngicabanga ukuthi umbono wobuntwana ungiholele kwezemfashini.”

Othole iziqu e-University of Johannesburg nase-Wits ugcizelela ukubaluleka kokugcwalisa imfashini yase-Afrika ngezindlela zokumaketha zondlebe zikhany’ilanga.

“Kubalulekile ukukhumbula ukuthi sisebhizinisini. Ukuncintisana ngemikhiqizo emikhulu yomhlaba sidinga ukwakha imiklamo ezokwazi ukuhweba,” esho.

“Lokho kungafinyelelwa (kukho)  kuphela ngokuhlela nangocwaningo olunzulu, okuyinto esiyenze isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili ngaphambi kokuba singene ebhizinisini.”

Ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, uMabuza ukwazile ukuphakamisa imikhiqizo yakhe.

Ugqokise osaziwayo abafana noMbongeni Ngema, uBernard Parker, uKwesta noDkt uMusa Mthombeni.

“Ngithanda ukukholelwa ekutheni ngiyisitsha nje esizobuyisa ukuziqhenya nokuzazi kwabantu base-Afrika,” esho.

“Uhlelo lwami lwesikhathi eside, ukwakha inkundla yokuthi bonke abasiki bengqephu abasafufusa, abaculi, abenzi bamafilimu nabo bonke abanye osaziwayo basebenze ngokubambisana.”

Uthe nabalingani bakhe bebhizinisi ubevele ekwenza lokho esebenzisa isitolo sase-Newtown Junction, i-Homegrown Shandis.

Usomabhizinisi onamakhono amaningi manje udlulisela amakhono akhe kubafundi abaningi emakolishini aseGoli naseMpumalanga.

Izihloko zakamuva