Lubhalwe Intatheli yoMbhele
Nakuba umshwalense weToyota South Africa ufuna isinxephezelo esiwuR6.5 billion ngomonakalo owenziwa yizikhukhula efemini yale nkampani eseProspecton, eningizimu yaseThekwini, kodwa le nkampani ithi ayihlangene nalolu daba.
NgoLwesihlanu ungqongqoshe womNyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu uSiboniso Duma ubenomhlangano ophuthumayo nomengameli weToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby.
U-Kirby uthe nakuba inkampani yomshwalense weToyota iTokio Marine & Nichido Fire Insurance ifake icala enkantolo lapho ifuna uMasipala waseThekwini, umNyango wezokuThutha neTransnet bayikhokhele uR6.5bn ngomonakalo owadalwa yizikhukhula kodwa beyiToyota South Africa abangeni kulolu daba.
U-Kirby utshele uDuma ukuthi akukho abangakuzuza kulolu daba ngoba emva komonakalo wezikhukhula zango-2022 bafaka isicelo sokunxeshezelwa enkampanini yomshwalense wabo.
Esithombeni esingenhla:UMengameli weToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby nongqongqoshe womNyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu uSiboniso Duma emva komhlangano wokudingida indaba yomshwalense wezikhukhula zango-2022. Isithombe: Sithunyelwe