Umshushisi wase-Poland ungene esitolo eyothenga utshwala egqoke isudu yeselesele

Arthur Greene

Umshushisi wombuso e-Poland umiswe emsebenzini ngemuva kokuya esitolo sokudla ehamba ze.

Owesilisa oneminyaka engama-38, umangaze  amakhasimende abekanye naye, ngesikhathi engena esitolo edolobheni lase-widnica e-Poland eyothenga amaphakethe amane kabhiya.

Le ndoda ikhonjwe njengoMaciej W., ingumshushisi wesifunda osebenza endaweni. Kodwa-ke, kubikwa ukuthi ubeseholidini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ngoLwesine olwedlule.

Omunye ozibonele obemangele uthathe izithombe zikaMaciej, ezishicilelwe kamuva ephephandabeni i-Sidnica24, futhi lokho zisabalele kusukela lapho.

Kwesinye isithombe, ubonakala esondela kwikhawunda yesitolo eyokhokhela ubhiya. Ngeshwa, izithombe azikuvezi ukumangala kwamakhasimende abekanye noMaciej.

Kwesinye isithombe, uthwetshulwe ezulazula emgwaqeni, eshiya iqoqo lezinyawo ezimanzi ngemuva kwakhe.

Esithombeni esilandelayo, ubonakala ehamba epaki lendawo, ethola eminye imisebe yelanga ngenkathi enza kanjalo.

Lesi sigameko sibikwe ngokushesha esiteshini samaphoyisa e-Swidnica Poviat, esithumele amaphoyisa ukuba ayobopha le ndoda ngenxa yokuhlaza umphakathi.

Okhulumela amaphoyisa uMagdalena Ząbek utshele i-Sidnica24 ukuthi le ndoda iboshwe ngaphambi kokuthi “umndeni wayo umnikele”.

ULukasz Lapczyński, okhulumela ihhovisi lomshushisi, uthe esitatimendeni esisemthethweni: “Umshushisi wehhovisi lomshushisi wesifunda e-Swednica, okunguyena okukhulunywa ngaye emithonjeni yabezindaba, umiswe ngokushesha emisebenzini yakhe, futhi sekuqalwe inqubo yokuhluleka kwakhe ukugcina isithunzi sehhovisi lakhe”.

Ngaphezu kokumiswa kwakhe, uMaciej angahle abhekane nenqwaba yezinye izijeziso.

“Ukujeziswa komshushisi womphakathi kungaba yisixwayiso, ukukhuzwa, ukwehliswa komholo wakhe oyisisekelo, inhlawulo, ukususwa esikhundleni asiphethe, ukudluliselwa kwenye indawo yokusebenza noma ukuxoshwa emsebenzini wokuba ngumshushisi,” kwengeza uLapczyński.

Izithombe zisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Omunye umsebenzisi we-Twitter uzindle wathi, “Angfuni nokucabanga ukuthi ubelibeke kuphi ikhadi lakhe lokukhokha”.

Izihloko zakamuva