Kamogelo Olaitan
Kugwilize abesilisa abane nengane ngemuva kokuthi lamadoda ezame ukusindisa intombazanyane, egugulwe umfula i-Vet River e-Wesselsbron, e-Free State ngesikhathi benza umkhuba lwase sontweni ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Free State uStephen Thakeng uthe ufakazi utshele amaphoyisa ukuthi uKhanyisile Skade uhlulekile ukubamba isandla sendodakazi yakhe ebineminyaka engu-12 uKelebohile Kototsa, ngesikhathi besemfuleni lapho bekwenzelwa khona umkhuba wasesontweni. Ingane igugulwe amanzi abenamandla kakhulu.
UThakeng uthe abazalwane abane abakade behamba nabo babe sebezama ukuhlenga ingane njengoba kade isigwiliza.
“Nabo babe sebeyaminza. Abatshuzi babizelwe endaweni yesigameko izidumbu zalandwa emfuleni,” kusho uThakeng.
Abazalwane abashonile nguTefo Katotsa obeneminyaka engu-39, uTshediso Manong obeneminyaka engu-29, uTshepo Moleleki obeneminyaka engu-34 nomunye ohlonzwe ngokuthi nguShemanyane uneminyaka engu-37.
“Amabandla ayaxwayiswa ukuthi agweme imifula uma enza usiko lwasemasontweni awo ikakhulukazi uma engakwazi ukubhukuda,” kusho uThakeng.